Jump to content

Isibhakabhaka

Kubuya ku Wikipedia
Isibhakabhaka sasebusuku phezu kweSlovenia ngoJulayi
Amayezi kanye neNyanga yesine esibhakabhakeni esiluhlaza okwesibhakabhaka emini phezu kweJalimane

Isibhakabhaka siwumbono ongenazithiyo ophezulu ngaphezu kobuso boMhlaba. Sihlanganisa umoyambuluga nomkhathinga . Singase futhi sibhekwe njengendawo ephakathi komhlaba nomkhathinga, ngaleyo ndlela siyahluka kumkhathinga.

Emkhakheni womchazamkhathi, isibhakabhaka sibizwa nangokuthi imbulunga yasezulwini . Lena yimbulunga engabonakali, egxile eMhlabeni, lapho iLanga, iNyanga, nemizulane, nezinkanyezi kubonakala sengathi kuzulazula khona. Imbulunga yasezulwini ihlukaniswe ngokujwayelekile ezindaweni ezihlonziwe ezibizwa ngokuthi izishomo .

Ngokuvamile, igama elithi isibhakabhaka ngokungahleliwe libhekisela embonweni ovela ebusweni boMhlaba; noma kunjalo, incazelo kanye nokusetshenziswa kungahluka. Umqapheli ebusweni boMhlaba angabona ingxenye encane yesibhakabhaka, efana nenkuba (ngezinye izikhathi ebizwa ngokuthi isitsha sesibhakabhaka ) ebonakala ithambile emini kunasebusuku . [1] Kwezinye izimo, njengalapho kuxoxwa ngesimo sezulu, isibhakabhaka sibhekisela kuphela ezingqimbeni eziphansi, zobuhalalazi bomkhathi.

Isibhakabhaka sasemini sibonakala silundwa (luhlaza okwesibhakabhaka) ngoba imizwayi yomoya ihlakaza amabanhacuphi amafushane okukhanya kwelanga ngaphezu kwalawo amade (ukukhanya okubomvu). [2] [3] [4] Isibhakabhaka sasebusuku sibonakala siyindawo emnyama kakhulu noma indawo egcwele izinkanyezi. Ilanga futhi ngezinye izikhathi iNyanga ziyabonakala esibhakabhakeni sasemini ngaphandle kokuthi zifihlwe amafu . Ebusuku, iNyanga, imizulane, nezinkanyezi zibonakala ngokufanayo esibhakabhakeni.

Ezinye izimongotho zemvelo ezibonakala esibhakabhakeni zihlanganisa amafu, uthingo, kanye nesialabala. Umbani kanye nokuna nakho kuyabonakala esibhakabhakeni. Izinyoni nezinambuzane ezithile, kanye nezinto ezisungulwe ngabantu njengezindiza nama -kite, zingandiza esibhakabhakeni. Ngenxa yobuqhebeqhebe babantu, umusi emini kanye nomnyukubalo wokukhanya ebusuku kuvame ukubonakala ngaphezu kwezidlavela ezinkulu.

uMsukagama

[hlela | Hlela umthombo]

Igama elithi isibhakabhaka livela liwukuphindwa kwelithi ibhaka, womabili ayamaniswa namanzi. Ngokwesichazamazwi sikaVilakazi elithi isibhakabhaka liisho 'ithantala elikhulu lamanzi noma insimu enkulu, liphinde lisho nodwadwakazi lomkhathi ongaphezulu. Kanti elithi ibhaka lona lisho ichibi elincane lamanzi, noma ithantala elincane. Lamagama asetshenziswa ukuchaza izulu okundiza kulo izinyoni jengoba libonakala sengathi udwadwakazi lamanzi noma ulwandle.

Amaphatho

[hlela | Hlela umthombo]
  1. Baird, J. C.; Wagner, M. (1982). "The moon illusion: I. How high is the sky?". Journal of Experimental Psychology: General 111 (3): 296–303. doi:10.1037/0096-3445.111.3.296. PMID 6215460.
  2. Tyndall, John (December 1868). On the Blue Colour of the Sky, the Polarization of Skylight, and on the Polarization of Light by Cloudy Matter Generally. p. 223–33.
  3. Lord Rayleigh (June 1871). On the scattering of light by small particles. p. 447–51.
  4. Watson, J. G. (June 2002). Visibility: Science and Regulation. p. 628–713.