Isibiya Sezinkomo Ngokwesintu
ISIBAYA siyindingilizi eyakhiwe ngokucophelela ngezigxobo, ummbelo nangophico[1]. Eqinisweni isibaya siyindawo yokuphumula yezinkomo[2]. Uma kwakhiwa izindlu emzini wesiZulu, iminyango yazo zonke ibheka esibayeni. Isibaya yiso esifukamele ifa lomuzi, izinkomo, izimbuzi kanye nezimvu. [3] Imfuyo iqholo lendoda, uhlonze lwayo lusemfuyweni yayo ngoba yiyona eyishoyo ngisho yona ingakathi vu ngomlomo wayo. Abanye bangakuchitha namanzi lokhu okungenhla ngoba bazi ukuthi kwakuyinto nenkolelo yakudala leyo. Bangakusho lokho bekushiso ukuthi bona sebafuyela emaphaketheni nasemabhange. Ngaphambili kusadliwa ngoludaba, ubuhle bendoda kwakuyizinkomo zayo!
Isibaya sinjengendlu yethempeli
[hlela | Hlela umthombo]Isibaya sinjengendlu yethempeli uma siqhathaniswa nenkolo yanamuhla, inkolo yaseNtshonalanga. Imikhosi nemigidi yamadlozi igcinelwa khona esibayeni. Uma izinkomo ziyolobola, zilanda omalokazana, zibikwa ngempepho endlini yangenhla (indlu yabadala abalele)[4]. Kubuye kungenwe khona esibayeni nakhona kubikwe. Namhla efika umlobokazi ezochanguza uyongena khona esibayeni azithobe, aguqe, abikwe kwabalele. Isibaya naso siyikhaya lezithutha[5]. Imfuyo lena esesibayeni ihlala isingethwe yibo[6].
Uma intombazana iyogana, isihamba uyise uyidonsa ngengalo ayingenise khona esibayeni[7]. Ungena anyuke nayo aye ezimpundwini ezisenhla nesibaya lapho afike azibambe zombili izimpundu. Azibambe sakuxhawula ukuphawu lokubonga ukuthi ingane ithole umendo[8]. Lolu hlobo lokuvalelisa olwenkolo yoMdabu luqhutshwa ulwazi lokwazi ukuthi laphaya emsamo wesibaya kulapho kuhlala khona izinyandezulu zekhaya[9]. Umsamo wesibaya unjengawo umsamo wendlu ngokuhlonipheka. Isibaya sazo sivama ukuba ngaphandle komuzi, ngaphandle kothango. Ngasenhla kwesibaya kukhona isihulugu/ emthobeni. Lesi isibaya samankonyane namathole. Imivemve yona ivalelwa esihulugwini uboshwe ngesisinga okuwuqhotho lwesikhumba qese saboshelwa ezikhonkwaneni ezibethelwe khona lapho esihulugwini.[9]
Uma umuntu esithi nhla isibaya somnumzane, ukhangwa izinkanda zezinkabi esezahlatshwa neziwumnikelo wabaphansi. Ezinye izinkanda zisothangweni kanti ezinye zichonywe phezu kwamakhothamo ezindlu zangenhla. Uhlobo nohlonze lomnumzane lukhulunywa izinkanda hhayi imilomo yabantu. Izinkanda yizo ezishoyo ukuthi ibiphekwa ngomhluzi wenye[10]. Zikhona izinto ezikhombayo umnumzane uma eyindoda, aqanjwe igama noma izibongo zimusho izinsizwa kanti futhi angaba umfokazana oshaya inja ngekhanda[2]. Indoda efuyile ikhulunyelwa izimbenambena, izimbedula,izimpelekendle, izinsontela zezimpondo emthangaleni, ezimpicweni, ezimpundwini nasezimpahleni zezindlu ekhothameni. Phela ukhanda nokhanda luphanyelwe ngisho phezu kwezinqolobane nasemabhaxeni ezihlahleni.[11]
Uthango lwesibaya lwenziwe ngemimbelo nangophico
[hlela | Hlela umthombo]Isibaya sibiywe sathi gimbici. Kungenwa kuphunywe ngesango[12]. Khona intuba engasenhla kodwa akuyona eyokugcaluza abantu.Uma kusengwa, sekukhishwa ubisi, seluyokwethiwa emaguleni, luphuma ngesango. Njengayo inyama uma kuhlinzwa nayo iphuma ngesango uma isiyogcinwa endlini yenyama.
Ngalo uthango lwesibaya abantwana bayafundiswa ukuthi kunokwenzeka bathuke sebebona inyoka eluhlaza[13]. Leyo nyoka ayishaywa, ayibulawa ngoba kusuke kungabanikazi bomuzi bezihambela kokunye bazocela ukudla[4]. Isibaya sibekeke endaweni ebonwa umuntu wonke. Senganyelwe izindlu zonke futhi siyindawo yokuhlanganyela ngezikhathi ezithile zenhlonipho yabalele[14].
Ukubaluleka kwesibaya ekhaya
[hlela | Hlela umthombo]- Izinyandezulu zihlala esibayeni: Kunenkolelo yokuthi amathongo esilisa ahlala esibayeni, abizwa ngokuthi izinyandezulu. Yingakho okuningi okuphathelene namasiko kweziwa esibayeni. Inkomo ihlatshwa khona esibayeni. Uma kunenkulumo okumele kudlulwe kuyo, kubonakala ngenkomo ecishe ubulale lowo oyihlabayo. Lolo kuba uphawu lokuthi abalele bayakhuluma noma bathukuthele.
- Izindaba eziphathelene nomndeni: kweminye imizi, zixoxwa esibayeni izindaba eziphathelene nomndeni ikakhulukazi amacala noma uma kunengxabano emndenini noma kufuneka isisombululo senkinga ethile. Kunenkolelo yokuthi nabo abadala basuke bayingxenye yengxoxo.
- Amadoda adlela esibayeni- Uma kunomsebenzi, amadoda angeniswa esibayeni adlele khona. Lokhu kwenzelwa ukuthi abadala abalele nabo badle.
- ↑ Ndaba, E. Z. (2010). Ukuqanjwa kwamagama emizi ezigodini zakwesakwaMkhwanazi kwaDlangezwa (Doctoral dissertation).
- 1 2 Mthembu, N. (2018). Ukusebenzisa indlela eyinqubo-mgomo yase-Afrika yokucwaninga isimo kanye nempilo yomuntu: ukubuyekezwa kwenqubo kaTahuti/Djehowtey yokuhlaziya izehlakalo nolwazi. In Lomsebenzi wethulwa kwinkomfa yonyaka [Annual Congress XXVIII] yenhlangano i-South African Sociological Association, ukusukela ngomhlaka ka (Vol. 1).
- ↑ Ndaba, E. Z. (2017). Ukwakhiwa komuzi wesiZulu/the building of a Zulu homestead (Doctoral dissertation, University of Zululand).
- 1 2 Ngwenya, E. T. (2017). Ucwaningo ngesiko lenhlonipho njengensika yesizwe samaZulu (Doctoral dissertation, University of Zululand).
- ↑ Zulu, V. A. (2001). Ucwaningo olunzulu ngenqina nokucebisa kwayo ulimi lwesizulu (Doctoral dissertation).
- ↑ Makhanya, N. F. (1997). Isiko lokuthethwa kwedlozi (Doctoral dissertation, University of Zululand).
- ↑ Sangweni, N. H. (2014). Ingonyuluka mayelana nokubhidlika kwemishado kugxilwe esifundeni Sasothungulu, Emhlathuze (Doctoral dissertation, University of Zululand).
- ↑ Kubeka-Ngobese, G. T. (2004). Ukuziphatha nokuphathwa kwabesifazane: endulo namanje (Doctoral dissertation).
- 1 2 Msibi, J. S. M. (2002). Ucwaningo ngobumqoka nokubaluleka kwezilwane esizweni samaZulu (Doctoral dissertation).
- ↑ Blose, R. T. (2002). Ukubaluleka kwenhlanzeko ekuphathweni komsebenzi wabadala: The importance of ritual purity in ancestoral ceremonial performance (Doctoral dissertation).
- ↑ Madlala, D. Ucwaningo ngendlelakuqhutshwa kwemisebenzi yesiNtu ezindaweni ezisemadolobheni: ucwaningonto lwasemalokishini akhele iGoli (Doctoral dissertation).
- ↑ Mthembu, N. Inkolelo yokuphila ungunaphakade e-Alkabulan (Afrika): Umnyombo wesakhiwo sendilinga/iqhugwane/uguqasithandaze. Iphepha elethulwa kwinkomfa yonyaka i-Decolonisation and Re-Afrikanisation: A Convesation, eNyuvesi yaseNingizimuyeAfrika, eTshwane, eNingizimu Afrika, ukusukela ngomhlaka ka, 6.
- ↑ Cele, P. M. (2012). Zibanjwa zimaphuphu kwelikaMthaniya kaNdaba (Doctoral dissertation, University of Zululand).
- ↑ Kubeka-Ngobese, G. T. (2004). Ukuziphatha nokuphathwa kwabesifazane: endulo namanje (Doctoral dissertation).