Isibumbu
Ngokomhlakahlo womuntu, kanye nasezilwaneni ezincelisayo ngokuvamile, isibumbu , futhi esaziwa ngokuthi ubumbu kwabesilisa. [1] [2] siyinqwaba yenyama esandilinga yezicubu ezinamafutha etholakala phezu kwalapho kuxhuamana khona amathambo esibumbu. [2] [ [3]
Isakhiwo
[hlela | Hlela umthombo]Kwabesifazane, isibumbu sakha ingxenye engaphambili nephezulu yenhlunu . Sihlukana sibe amalebe amakhulu, kuzo zombili izinhlangothi zomsele owaziwa ngokuthi uvava lwenhlunu (pudendal cleft) oluzungeze ezinye izingxenye zenhlunu ezifana: amalebe amancane, umsunu, i-urinary meatus, ukuvuleka kwenhlunu, kanye ne -vulval vestibule . [2] [3]

Nakuba isibumbu sikhona kokubili kwabesilisa nabesifazane, ngesizulu sibizwa ubumbu kwabesilisa, futhi sivame ukuba nkulu kwabesifazane. [3]
Umsukagama
[hlela | Hlela umthombo]Igama elithi isibumbu noma ubumbu lisuselwa olimini olwandulela isintu, egameni elithi 'vumbu' elisho indawo engaphezu komthondo noma inhlunu okumila kuyona amashishi. Abesilisa banobumbu, kodwa elithi isibumbu lisho kokubili abesilisa nabesifazane, kodwa ngokuqondile lisho abasifazane.
- ↑ Cite error: Invalid
<ref>tag; no text was provided for refs namednoad - 1 2 3 . p. 778–779. Missing or empty
|title=(help) Cite error: Invalid<ref>tag; name "gould" defined multiple times with different content - 1 2 3 . p. 23, 42, 791. Missing or empty
|title=(help) Cite error: Invalid<ref>tag; name "basavanthappa" defined multiple times with different content