Isicathamiya
| Isicathamiya | |
|---|---|
| Imvelaphi yohlobo | Mbube |
| Imvelaphi ngokwesiko | 20th century, South Africa |
| Izifunda zawo | |
Isicathamiya uhlobo lokucula oluvela kubantu abangamaZulu, okuluhlangaqembu laseNingizimu Afrika. .
Leli gama lisuselwa esenzweni sesiZulu -cathama, esisho ukuthi 'ukuhamba ngobumnene', noma 'ukunyathela ngokucophelela'".[1] Isicathamiya sihlukile kumculo wesiZulu oswele izinsimbi zomculo obizwa IMbube, okuyigama elisho 'ibhubesi'. Ushintsho lwegama luphawula ushintsho kuhlobo lomculo: ngokwenkambiso, umculo ochaziswa ngokuthi imbube uhlatshelelwa ngamandla nangokungxola, kuyilapho isicathamiya sihlozinge kakhulu ekuhambisaneni okuvumelanayo phakathi kwamazwi. Leli gama liphinde libhekisele ezinyathelweni ezisiniswa ngendlela ehlelwe kahle ezenza abaculi bahambisane.
Amaqembu omculo aseNingizimu Afrika afana neLadysmith Black Mambazo ayisibonelo salo mculo. Amaqembu esicathamiya ngokwenoambiso angawabesilisa. Izimpande zayo zibuyela emuva ngaphambi kokuqala kwekhulu lama-20, lapho amadoda amaningi ayeshiya amakhaya awo ukuze ayofuna umsebenzi ezidlaveleni. Njengoba abantu abaningi bezizwana bafudukela ezidlaveleni, lendlela yalahleka engxenyeni enkulu yekhulu lama-20.
Namuhla imincintiswano yesicathamiya ebanjwa eGoli naseThekwini ivame ukubanjwa ngeMigqibelo ebusuku, futhi kuba namaqemu angama-30 aqhogoyayo kusuka ngehora lesi-8 kuya kuze kuyophuma ilanga.
Imvelaphi: isiko nengokomoya
[hlela | Hlela umthombo]Nakuba loluhlobo lomculo lwavela ekhulwini lama20, ikakhulu ngeshumiminyaoa lowe-1920 nele-1930, iningi lezifundiswa liphika ngokuthi ungathungathwa kusuka ekhulwini le-19. Bakholwa ukuthi izimpande zesicathamiya zingatholakala emibukisweni yomboloho waseMelika eyayikhenketha elaseNingizimu Afrika ngowe-1860. Isicathamiya kungenzeka kwahoanganiswa umboloho lowo nomculo ongokweniambiso yamaZulu owaphuma isicathamiya.[2]
Ngokwesiko nangokwenkambiso, isicathamiya sithonywe kakhulu izinkolelo zomdabu zamaZulu zokuphilisana ezichazwa kangcono ngesaga esithi, "umuntu, ngumuntu, ngabantu", ukuncintisana, izikhwepha namandla ayamaniswa nezilwane, inhlonizo yeziko njengensizakusebenza yokudla nemfudumalo, namaphupho wokuxhumana nabangasekho. Inkulumo ethi "umuntu, ngumuntu, ngabantu" iyona ebusa uhlelo lwezenhlalo lakwaZulu futhi isetshenziswa njengethuluzi lokuqinisa uumbano lwezenhlalo. Emphakathini wakwaZulu, ukuncintisana kubalulekile, ikakhulu kwezomculo, futhi kubhekwa njengodaba lwezenhlalo lomncintiswano. Uyinkundla yokuziveza nokusungula ubuhlonzi bomuntu emphakathini. Abaqhogoyi besicathamiya bazithuthukisa ngokunqoba imincintiswano. Ngokwezimfundiso zomdabu, izinkunzi ziwuphawu lamnalda nobudoda. Ezinye izilwane ezifana nezinyoka, izingwenya, izintshesha namabhubhesi ziwuphawu lamandla nkuwagamela emincintiswaneni zesicathamiya. Amaqembu esicathamiya okuqala ayeqanjwa ngezilwane, njengeqembu elalibizwa Empangeni Home Tigers noma iBrave Lion Singers.
Iziko lisetshenziswa ngokwesingathekiso njengendawo "yokupheka amaculo" emculweni wesicathamiya. Uma kugcizelelwa ukuhleleka ngokwezenhlalo kwemizi yamaZulu eyayakhiwa ibe ngamaqhugwane otshani. Uhlelo olufanayo luba khona nalapho kwenziwa amaculo esicathamiya. Amaphupho ayeyingxenye emqoka ekuxhumaneni nabangasekho futhi ayeyingxenye yenkolo yomdabu yamaZulu. Abanye abaculi besicathamiya bavame ukuthi amaculo wabo bawaphiwe abangaphansi ngamaphupho.[3] UJoseph Shabalala weqembu laMambazo]][4] yena wayethi ugqozi lomculo omusha uluthola ngamaphupho,uthi ngomnyaka we-1960, kwaphela iziyaanga eziyisithupha evakashelwa amazwi. Uthi lawa kwakungamazwi abadala abangokomoya ababecula isicathamiya.[5]: 106
Uhlobo nokuqamba
[hlela | Hlela umthombo]Umholi weqembu kuvame ukuba kube nguye umsunguli nengqambi. Ngokuvamile abasebenzi abangabafuduki babengafundile ngezimpawu zomculo, ngakho babeqamba amaculo gobuchule obuhlukile. UJoe Shabalala weMambazo wathi yena uqamba amaculo lapho elele, goba umoya wakhe uyasebenza. Ngokuvamile wonke amaculo ayebhalwa ngenxa yalokho okumpethe ngaleso sikhathi, kungaba ezokthando, ezombusazwe noma ezenkolo, kodwa ikakhulukazi ezenhlalo nezombusazwe ezithinta impilo yabantu abansundu KwaZulu-Natali. UShabalala wavuma ukuthi iqembu lalisebenzisa umculo walo ukufundisa izihlwele abadiana nazo.
UShabalala waveza nendlela azifundisa ngayo ukuqamba amaculo esicathamiya; njengoba kwakungamaphupho laho ayezwa kona amazwi wokhokho. Lokhu kuvamile phakathi kwabantu benkambiso yamaZulu nezingqambi zesicathamiya.
Ngokohlobo, isicathamiya siphawuleka ngamazwi abesilisa abaqhogoya beswele izinsimbi zomculo, besebenzisa insongozo ye-SATB (izwi eliholayo elilodwa, imvumo, elilandelwa inklwazo, bese amanye kube izimbodlongo); kodwa, kwezinye izimo kukhona iziqoshwa zesiqumuqumu njengoba kucatshangwa ukuthi lensimbi yomculo izokwenza izicukuthwane zabansundu ziwuthande umculo. Umqhogoyo wesicathamiya ophuma phambili uhlanganisa umzwilili wokubiza nokusabela.
Ukuduma umhlaba wonke
[hlela | Hlela umthombo]Lolu hlobo lomculo lwafinyekela emazweni aseNtshona ngecwecwe likaPaul Simon elithi Graceland (1986), elalinamaculo afana nathi "Homeless", "Diamonds on the Soles of her Shoes", lapho khona uSimon wayesekwa amazwi waMambazo. Leli qembu ngokwalo selikwazile ukuthi ukuhkaba izihlwele umxhwele ngamaculo afana nelithi "Hello My Baby" futhi laqopha iculo ecwecweni likaBob Dylan, elithi "Knockin' on Heaven's Door", laqopha iculo leNdebe YoMhlaba yoMbhoxo elithi "The World in Union", neculo elithi "Mbube" (iculo elaqanjwa ngowe-1939 nguSolomon Linda – iculo elinzosha ezengeziwe lalibizwa ngokuthi "The Lion Sleeps Tonight") — okwaqanjwa ngalo umunxa womculo obizwa Mbube.[6] Amalunga "eMambazo" angamakhilwa azelwe kabusha futhi avame kuveza ubuhlobo obuphakathi kwesicathamiya nomculo wevangeli ngamaculo afana nelithi "Amazing Grace" nezinye izihlabelelo zesiZulu. "IMambazo" iyiqembu elithambile lomculo oswele izinsimbi laseNingizimu Afrika elithandwa emhlabeni wonke; wonke amanye amaqembu asebenzisa uhlobo oluthile lwezinsimbi zomculo, nakuba amanye amaqembu afana namaMahotella Queens]], acula ngesigingci samazuba emculweni obizwa "uMbaqanga", Kodwa kwesinye isikhathi bacula singekho isigingci.
Amaphatho
[hlela | Hlela umthombo]- ↑ Beaubien, Jason (April 22, 2004). "Zulu's 'Tip-Toe' Choir Competition". All Things Considered. National Public Radio. Archived from the original on October 11, 2019. Kulandwe ngomhlaka October 10, 2019 – via NPR.org.
- ↑ Levine, Laurie (2005). The Drumcafe's Traditional Music of South Africa. Jacana. pp. 62–63. ISBN 1770090460.
- ↑ Akrofi, Eric. "Zulu indigenous beliefs: to what extent do they influence the performance practices of isicathamiya musicians?" (PDF). portal.unesco.org. Archived from the original (PDF) on 2015-12-11. Unknown parameter
|url-status=ignored (help) University of Transkei, South Africa. A Paper Prepared for the African Arts Education Conference 2001 in South Africa. - ↑ "Ladysmith Black Mambazo wins fifth Grammy award". Enca.com. Archived from the original on 11 December 2019. Kulandwe ngomhlaka 1 August 2018. Unknown parameter
|url-status=ignored (help) - ↑ Muller, Carol A. (2008). Focus: Music of South Africa (2nd ed.). New York: Routledge Taylor and Francis Group.
- ↑ Frith, Simon (2004). Popular Music: critical concepts in media and cultural studies, Volume 4. London: Routledge. p. 271. ISBN 978-0-415-33270-5. Archived from the original on 2023-07-31. Kulandwe ngomhlaka 2020-11-12.