Isicathulo

Isicathulo siyinto etholakala ngamabili ehloselwe ukuvikela nokuhlobisa unyawo lomuntu, senziwa ngendlela yokuthi esinye singena onyaweni lwesobunxele esinye singena onyaweni lwesokudla. Izicathulo zihloselwe ukunikeza ukuvikelwa okwengeziwe onyaweni lomuntu olusengozini, yize loluyawo luzivumelanisa kakhulu nezindawo ezahlukahlukene. Isimo ekuqaleni sasiboshelwe ekusebenzeni, kodwa ngokuhamba kwesikhathi, izicathulo nazo zaba yizinto zemfashini. Ezinye izicathulo zigqokwa njengezinto zokuphepha, njengamabhuzu ensimbi, okuyizicathulo ezidingekayo ezindaweni zokusebenza zezimboni.
Ngaphezu kwalokho, izicathulo zivame ukuguqukela emiklamweni eminingi ehlukahlukene; isibonelo, izicathulo eziphakeme, zivame ukugqokwa abesifazane uma kukhona umcimbi ophecelezile. Izicathulo zasesikhathini samanje zihluke kakhulu ngesitayela, ndikwakheka kwazo kanye nezindleko zazo. Izicathulo eziyisisekelo zingase zibe ne-sole encane kanye nebhande elilula futhi zithengiswe ngentengo ephansi. Izicathulo zemfashini ephezulu ezenziwe ngabaklami abadumile zingase zenziwe ngezinto ezibizayo, zisebenzise ukwakhiwa okuyinkimbinkimbi futhi zithengiswe ngemali eningi. Ezinye izicathulo ziklanyelwe izinhloso ezithile, njengamabhuzu aklanyelwe ngokukhethekile Ukugibela izintaba noma Ukushushuluza, kuyilapho ezinye zisetshenziswa kabanzi njengamateki ashintshe kusuka esicathulweni sezemidlalo senjongo ekhethekile kuya esicathwini sokusetshenziswa okujwayelekile.