Isidando sezimali

Izidando zezimali (noma imibiko yezezimali ) ziyiziqoshwa ezisemthethweni zobuqhebeqhebe bezezimali nesimo somhwebo, umuntu, noma umenzo.
Ukwaziswa okufanele kwezezimali kwethulwa ngendlela ehlelekile futhi ngendlela okulula ukuyiqonda. Ngokuvamile zihlanganisa izidando zezimali ezine eziyisisekelo ezihambisana nengxoxo nesihlaziyo sabaphathi:
- Isicwecwe semali sibika ngengcebo yenkampani, izimelo, nesilumelo sabanikazi ngesikhathi esithile.
- Isidando sengenisomali sibika ngengenisomali yenkampani, izindleko, nenzuzo esikhathini esichaziwe. Isidando senzuzo nenhlulo sazisa mayelana nokugidinga komhwebo Lokhu kufaka phakathi intengiso kanye nezindleko ezihlukahlukene ezitholwe ngesikhathi esishiwo.
- Isidando sezinguquko zesilumelo sibika mayelana nezinguquko sezilumelosenkampani esikhathini esishiwo.
- Isidando sokugobhoza kwemali sibika ngobuqhebeqhebe bokugobhoza kwemali yenkampani, ikakhulukazi ukusebenza kwayo, utshalomali kanye nokuxhasa ngezimali imisebenzi ethile sikhathini esishiwo.
Ngokuphawulekayo, isicwecwe sezimali simelela isifinyezo sesikhathi, kuyilapho isidando sengenisomali, isidando sokuguquka kwesilumelo, nesidando sokugobhoza kwemali ngakunye kumelela ubuqhebeqhebe phakathi nenkathi yokudandanisa. Ngokuqonda izidando zokusebenza ezibalulekile ngaphakathi kwesicwecwe sezimali, abanikazi bomhwebo kanye nezingxwepheshi zezezimali, bayakwazi ukwenza izinqumo eziphusile eziqhuba ukukhula nokuzinza.