Jump to content

Isidlweza

Mayelana Wikipedia
Ukudlweza isiphathanzuba semoto sohlobo lwe-12 V isimunyu somthofu.
Umakhalipha oqhazwe kwisiguquzi se-AC ukuze udlwezwe.

Isidlweza, noma isidlweza sesiphathanzuba, sisiyisiklamo esiqoqonga amandla phakathi kwesiphathanzuba ngokuhambisa uluzuba kulo. Umthetho olandelwayo wokudlweza—othi bungakanani ubuvuve kanye noluzuba, isikhathi esingakanani nokuthi yini okufanele uyenze lapho ukudlweza kuqediwe—uncike kubungako nohlobo lwesiphathanzuba esidlwezwayo. Ezinye izinhlobo sesiphathanzuba ziyakubekezelela ukudlwezwa ngokweqile ngemva kokuba isiphathanzuba sesidlwezwe ngokugcwele futhi singadlezwa kabusha ngokuxhunywa kumthombo wobuvuve ongashintshi noma umthombo wozuba ongashintshi, kuye ngohlobo lwesiphathanzuba.

Isidlweza ezilula zalolu hlobo kufanele zixhunyululwe mathupha ekupheleni komjikelezo wokudlweza. Ezinye izinhlobo zeziphathanzuba zisebenzisa isibali sikhathi ukuzixhumulula lapho ukudlweza sekuqediwe. Ezinye izinhlobo zeziohathanzuba azikwazi ukumelana nokudlwezwa ngokweqile, ziyonakala (umthamo wazo uyehla), zishise ngokweqile noma ziqhume imbala. Isidlweza singase sibe nezintandelo ezihlonga amazinga okushisa noma ubuvuve kanye nesilawuli sesidludlungincinci ukuze sichoye ngokuphephile uluzuba nobuvuve bokudlweza, sinqume isimo sokudlweza, futhi sizixhumulule ekupheleni kokodlweza. Isidlweza zingase zikhuphule ubuvuve obuphumayo ngokulingana noluzuba ukuze kunxeshezelwe ukuvinjwa kwezintambo.