Jump to content

Isifazane

Kubuya ku Wikipedia
Uphawu lesitgixokazi saseRoma esibizwa Venus lusetshenziselwa ukumelela isifazane kumchazampilo.

Ubulili bomuntu buyisifazane (uphawu: ♀) uma bukhiqiza iqanda (ingqamuzana leqanda), uhlobo lwelilizana (ingqamuzana lobulili) elihlangana nelilizana lowesilisa (ingqqamuzana lelotha) ngesikhathi kukhiqizeka inzalo.

Isifazane sinamalilizana (gametes) amakhulu kunesilisa. Abefazane nabesilisa bayimiphumela isimiso sokuzala se-anisogamous, lapho amalilizana anobungako obungafani (ngokuphambene ne-isogamy anobungako obulinganayo).

Emiqhinqeni enesilisa nesifazane, indlela yokunquma ubulili kungnzeka isekelwa iziphathanfuzo zobulili, noma izimo zemvelo. Iningi lezincelisi zensikazi, kuhlanganisa nesifazane, zineziphathafuzo X ezimbili. Izinkondolo zeziphili ezinobulili bensikazi/besifazane ziyahluka ngokwemiqhinqo, njngoba zinezimiso zokuzala ezongafani, futhi eminye imiqhinqo inezinkondolo zobulili ezisekela ezokuzala, njengamadlala wokuncelisa ezincelisi.

Kubantu, elithi isifazane libuye lisho ubulilisiqu ngomqondo wezenhlalo osho iqhaza lobulilisiqu noma ubuhlonzi bobulilisiqu.[1][2]

uMsukagama nokusebenza

[hlela | Hlela umthombo]

Elithi isifazane livela kwelithi umfazi, futhi lisho abesifazane noma isimame sesisonke.[3] Liyibizomuntu elibhekisela ngokuvamile okusetshenziswa isiphaulo salo esithi owesifazane/abesifazane. Njengoba umsuka walo usegameni elithi umfazi, livame ukuyamaniswa nobufazi, noma abantu abangabafazi, okusho ukuthi abantu abadala, ngaphandle kwamantombazane nezintombi. Libuye lisebenze nakumchazazitshalo lapho kukhulunywa ngobulili bezitshalo. Ubulili bezilwane kuthiwa insikazi.

Ubulili besiphili buyahlukaniswa nobulilisiqu baso,[4][5] nakuba ngesiZulu elithi ubulili livame ukusho kokubili.[6][7] Kanjalo nesiphawulo esithi owesifazane naso sivame ukubhekisela kokubili kubulili (sex) nakubulilisiqu (gender), ingakho lesibhalwa sisebenzise elithi isifazane ukukhuluma ngobulilisiqu.

Izikhombo

[hlela | Hlela umthombo]
  1. Palazzani, Laura; Bailes, Victoria; Fella, Marina (2012). Gender in Philosophy and Law. SpringerBriefs in law. Dordrecht : Springer. p. v. ISBN 978-94-007-4991-7. 'gender' means human gender, male/female gender (eBook)
  2. "Definition of FEMALE". www.merriam-webster.com (in i-English). Archived from the original on 2023-03-07. Kulandwe ngomhlaka 2023-03-07. Unknown parameter |url-status= ignored (help)
  3. Doke, Vilakazi (1972). Zulu-English Dictionary. Witwatersrand University Press. p. 201.
  4. "Gender and Genetics". WHO. Archived from the original on November 11, 2012. Kulandwe ngomhlaka 2020-07-31.
  5. "Sex & Gender". Office of Research on Women's Health. Archived from the original on 2020-07-23. Kulandwe ngomhlaka 2020-07-31.
  6. Udry, J. Richard (November 1994). "The Nature of Gender" (PDF). Demography. 31 (4): 561–573. doi:10.2307/2061790. JSTOR 2061790. PMID 7890091. Archived from the original (PDF) on 2016-12-11. Unknown parameter |url-status= ignored (help)
  7. Haig, David (April 2004). "The Inexorable Rise of Gender and the Decline of Sex: Social Change in Academic Titles, 1945–2001" (PDF). Archives of Sexual Behavior. 33 (2): 87–96. CiteSeerX 10.1.1.359.9143. doi:10.1023/B:ASEB.0000014323.56281.0d. PMID 15146141. Archived from the original (PDF) on 25 May 2011. Unknown parameter |s2cid= ignored (help)