Isigaba sesithoba soMthethosisekelo waseNingizimu Afrika

Mayelana Wikipedia

Isigaba Sesithoba soMthethosisekelo waseNingizimu Afrika siqinisekisa ukulingana phambi komthetho kanye nenkululeko ekubandlululweni kwabantu baseNingizimu Afrika. Leli lungelo lokulingana liyilungelo lokuqala elisohlwini loMqulu Wamalungelo . Uvimbela kokubili ukucwaswa nguhulumeni kanye nokucwaswa ngabantu abazimele; nokho, uphinde uvumele ukuthi kuthathwe izinyathelo zokuqinisekisa ukuze kulungiswe ukucwasa okungalungile okwedlule.

uMbhalo[hlela | Hlela umthombo]

Ngaphansi kwesihloko esithi "ukulingana" lesi sigaba sithi: 9. (1) Wonke umuntu uyalingana phambi komthetho, futhi unelungelo elilinganayo lokuvikelwa ngumthetho nokusizakala ngomthetho.

(2) Ukulingana kumbandakanya ukuthokozela onke amalungelo nenkululeko ngokugcwele nangokulingana. Ukuze kukhuthazwe ukulingana, kungahle kuthathwe izinyathelo zomithetho nezinye ezenzelwe ukuthi kuvikelwe noma kuthuthukiswe abantu noma imikhakha yabantu, abancishiselwe amathuba ngenxa yobandlululo olungafanele.

(3) Umbuso ungebandlulule umuntu ngokungafanele, ngendlela esobala noma ngendlela ecashile, ngesizathu noma ngezizathu ezimbandakanya ukubandlulula ngokobuhlanga, ubulili, ukukhulelwa, isimo somuntu kwezomshado, ubuzwe noma umphakathi umuntu adabuka kuwo, ibala, ubulili umuntu azifanisa noma afaniswa nabo, iminyaka, kukhubazeka, inkolo, unembeza, inkolelo, isiko, ulimi kanye nokuzalwa.

(4) Akekho umuntu ovunyelwe ukubandlulula omunye ngokungafanele ngendlela esobala noma ecashile ngesizathu noma ngezizathu ngokwemigomo yesigatshana sesi (3). Kufanele kushaywe umthetho kazwelonke ukuze kugwenywe noma kunqandwe ubandlululo olungafanele.

(5) Ukubandlulula ngesizathu noma ngezizathu ezibalulwe esigatshaneni sesi (3) akufanele ngaphandle uma kuboniswa ukuthi lolo bandlululo lufanele.