Isigcibisholo sokuhlabumkhumbi
Appearance



Isigcibisholo sokuhlabumkhumbi noma isihlabamkhumbi siyisigcibisholo esiqondiswayo esenzelwe ukusetshenziswa emikhunjini nasezikebheni ezinkulu. Iningi lezicibisholo zokuhlaba imikhumbi ziyizinhlobo zokudubula olwandle, futhi eziningi zisebenzisa inhlanganisela yesiqondiso segwevamdiki kanye nomcondobezelo wesiyonza . Inani elikhulu lezinye izicibisholo ezihlabimikhumbi isebenzisa umcondobezelo wensibomvu ukulandela okhoza elikhishwa umkhumbi; kungenzeka futhi ukuthi izihlabamkhumbi ziqondiswe ngomyalo womsakazo yonke indlela.