Isigebengu

Isigebengu umuntu owenza izinto ezingekho emthethweni noma owenza izinto ezilimaza abanye abantu noma umphakathi. [1] Abantu abaningi abazizwa bephephile ngenxa yobugebengu futhi kuphazamisa ukuthula emphakathini kugcine kungasabi nokubona ngasolinye emphakathini ngenxa yokweba, ukulimaza abantu, ukubulala, ukuthumba nokunye konke lokhu kwenza abantu bahlale ngokusaba ezindaweni zabo. [2]
Ziningi izizathu ezingenza umuntu abe isigebengu, kungaba ukuswela, ukungasebenzi, noma ukungabi nemfundo konke lokhu kudala ukuba umuntu azibandakanye nobubi. Kodwa kwesinye isikhathi kungaba ukuthi umuntu uthole abangani abangalungile noma indawo akhulele kiyo ngiyo engalungile. Ukuba isigebengu akunamiphumela emihle ngoba ungagcina uzithola usuboshiwe isikhathi eside kakhulu ngenxa yokuphula umthetho, lokhu kungamosha impilo yakho kuphinde kube nomthelela omubi emndenini nasemphakathini. [3]
Imfundo ibalulekile, ukuqondiswa kahle ekhaya nasesikoleni, kanye namathuba emisebenzi kungasiza kakhulu ekubhubhiseni ubugebengu emphakathini. Uma kungasetshenziswana futhi kubambiswane kungakhetha umphakathi ophephile nongcono ngakho ke kubalulekile ukuthi abantu bafundiswe ngobuhle bokulandela umthetho nokuhlonipha abanye. Ngakho ke umphakathi nomthetho kumele basebenzisane ukulwa nobugebengu. [4]
Izinkomba:
[hlela | Hlela umthombo]- ↑ qasaryome@gmail.com (2024-10-21). "Is anyone who breaks the law considered a criminal?". Rafter Solicitors (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2026-03-08.
- ↑ www.saps.gov.za https://www.saps.gov.za/faqdetail.php?fid=9. Kulandwe ngomhlaka 2026-03-08. Missing or empty
|title=(help) - ↑ "Why Do People Commit Crimes? (Nine Reasons)". Alliant University (in i-English). 2023-09-22. Kulandwe ngomhlaka 2026-03-08.
- ↑ "The 10 Principles of Crime Prevention". West Yorkshire Police (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2026-03-08.