Isigodlo saseWestminster

Isigodlo saseWestminster siyisizinda sokuhlanga sePhalamende yoMbuso oHlangeneyo futhi siseLondon, eNgilandi. Ngokujwayelekile, sibizwa "House of Parliament" (Izindlu zePhalamende) ngokuba iPhalamende iqukatha iNdlu yeZakhamuzi kanye neNdlu yamaKhosana. Isigodlo siyizinkaba kwezombusazwe zoMbuso oHlangeneyo. iWestminster iyisenzasame sePhalamende yoMbuso oHlangeneyo. Uhlelo lwezombusazwe woMbuso oHlangeneyo osetshenziswa ngamanye amazwe (ubukhosi obungaphansi komthethosisekelo negatsha lokuphatha elincike entembeni yePhalamende) ubizwa isiWestminster noma uhlelo lwaseWestminster. Imbhoshongo ka-Elizabeth inecilongo ebizwa uBig Ben. Iyisakhiwo esiqhakanjisiwe edolobheni kanye naseBhulithani jikelele. Kusukela 1970, lesigodlo sisohlweni kwesigaba sokuqala sezakhiwo. Kusukela 1987 siyingxenye seSiza Sefagugu Lomhlaba.