Isigqabhozi
Appearance





Isigqabhozi siwumhlabasiqu ongumgodi noma ukufaxazeka ebusweni bomzulane, ngokuvamile sidalwa yinto egadlaza ubuso bomzulane, noma ubuqhebqhebe besimomhlaba kumzulane. Isigqabhozi sibuye sichazwe ngokuthi: "umgodi omise okwesitsha owakhiwa yintaba-mlilo, ukuqhuma, noma ukugadlaza kwetshemhlaba". Emhlabeni, izigqabhozi "ngokuvamile ziwumphumela wokuqhuma kwentshaba", kuyilapho " izigqabhozi zokugadlazeka kwamatshemhlaba zivamile enyangeni, kodwa ziyivelakancane eMhlabeni".