Isikhehle somuntu

Isikhehle somuntu siwuhlaka lwangaphakathi lomzimba womuntu. Lwakhiwe ngamathambo angaba ngama-270 lapho ezalwa – leli nani lincipha libe ngamathambo angama-206 lapho umuntu ekhula ngemva kokuba amanye amathambo exubana, singabali amathambo ahambisanayo . Isisindo samathambo ogaga sakha cishe amaphesenti ali-14 wesisindo somzimba wonke (cishe u-10–11 kg kumuntu ojwayelekile) futhi sifinyelela esisindweni esiphezulu phakathi kweminyaka engama-25 no-30. Isikhehle somuntu singahlukaniswa sibe uhlaka lwe-axial kanye nohlaka lwe-appendicular . Isikhehle esiphakathi sakhiwa umgogodla, ugaga lezimbambo, ugebhezi, namathambo ahlobene. Isikhehle esixhumele noma esinamathele esikheheleni esiphkathi, sakhiwa amagagana wamahlombe, ibhande le-pelvic kanye namathambo ezigalo zangaphezulu nangaphansi.
Isikhehle somuntu sinemisebenzi eyisithupha emikhulu: ukusekela, ukunyakaza, ukuvikela, ukukhiqizwa kwamangqamuzana egazi, ukuqoqonga izimbiwa, kanye nokulawulwa kwamadlala.
Amagama wamathambo
[hlela | Hlela umthombo]Bone - iThambo
Bonemarrow -umnKantsha
Cartilage - unQwanga
Tendon – usinga, umsipha
Joint - iLunga
Skull - uGebhezi
Jaw bone - umHlathi
Cheek bone - isiDindi
Brow bone – iThundu
Breastbone - umthivothi
Eye socket - uKhopho
Nasal - umBombo
Verterbra – inGogodla, inqwababa
Vertebrae – izingogodla
Cervical vertebrae – amaZongwe
Thoracic vertebrae - amaGxalaba
Lumber veterbrae – izimfundo
Secrum - iqhelendunu
Tailbone, coccyx - indunu
Clavicle - inQwababa
Shoulder blades – iziPhanga
Spinal cord - umHlandla
Ribs - izimBambo
Humerus & Radius - uGalo
Ulna – imBilathi
Metacarpal - iziSekminwe
Hip bone - inQulu
Pelvic bone - iThebe
Rump - iGonondo
Groin - imBilapho
Femur - uGalo
Patella - iVi
Tibia - uMondlo
Intercarpal joint - iQuphu