Jump to content

Isikhova

Kubuya ku Wikipedia
Isikhova

Isikhova isilwane esinamehlo amakhulu asisiza ngokubona kahle ebusuku ngoba saziwa njengenyoni ehamba ebusuku, sivame ukuhlala emahlathini, ezihlahleni ezinkulu noma ezindaweni ezithulile. Lamehlo waso asisiza ukuthi sikhone ukuthola ukudla kalula. [1] Isikhova sidla amagundane, izinyoni ezincane kanye nezinye izilwane ezincane. Sisebenzisa iziphoqa zayo eziqinile ukuze sibambe ukudla kwaso, indlela yaso yokundiza ithule kakhulu ngakho ke lokho kwenza kube lula ukuthi sibambe ukudla kwaso ngaphandle kokubonwa. [2]

Isikhova siyinxenye yezilwane ezibaluleke kakhulu emvelweni ngoba isiza ukulawula inani lezilwane ezincane emhlabeni. Izilwane ezinjengamagundane uma amaningi kakhulu angalimaza izitshalo noma izimpahla zabantu. Ngakho ke isikhova sisiza ukubhalansa emvelweni. Abanye abantu bakholela ukuthi isiskhova siletha amashwa noma imimoya emibi, kodwa lekho akusilo iqiniso yinkolelo yabantu phela isikhova siyazifanela nezinye izinyoni.Asinawo amandla omlingo noma wokwenza okubi. [3]

Amaphuphu esikhova adinga ukunakekelwa, alethelwe ukudla futhi avikeleke ezitheni kuze kube ukuthi aseyakwazi ukuzundizela. Kubalulekile ukuthi abantu bavikele izilwane ezifana nesikhova. Ukunakekela imvelo kusiza ukuthi izilwane ziqhubeke ziphile. Khumbula ukuthi uma sinakekela isikhova, sisiza ngokugcina imvelo ipphilile futhi ibhalansi. [4]

Imikhomba:

[hlela | Hlela umthombo]
  1. "owl". dictionary.cambridge.org (in i-English). 2026-03-04. Kulandwe ngomhlaka 2026-03-08.
  2. "About Owls I Owl Research Institute". owlresearchinstitute (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2026-03-08.
  3. Krug, Annie (2021-10-03). "All About Owls". Chirp Nature Center (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2026-03-08.
  4. "Legal protection of wild Barn Owls". The Barn Owl Trust (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2026-03-08.