Isikole samabangaphezulu
Isikole samabangaphezulu, noma isikole samabanga aphezulu, yisikhungo esihlinzeka ngemfundo yamabangaphezulu . Ezinye izikole zamabangaphezulu zihlinzeka kokubili ngemfundo yamabangaphezulu asezansi (iminyaka eyi-11 kuya kweyi-14 (senior phase)) kanye nemfundo yamabangaphezudlwana (iminyaka eyi-14 kuya kweyi-18 (intermediate phase)), kodwa lamazinga anganikezwa nasezikoleni ezihlukene. Imfundo yamabangaphezulu eNingizimu Afrika ihambisana nemigomo yeNhlangano Yamazwe ebizwa ISCED. Izikole zamabangaphansi ziqala ebangeni lokuqala kuya kwelomkhothi 1-7, bese izikole zamabangaphezulu ziqala ebangeni lesiphohlongo kuya kweleshumi nambili 8-12.
EMelika, izinhlelo eziningi zemfundo yamabangaphezulu zasendaweni zinezikole zmabangaphakathi ezihlukene kanye nezikole zamabangaphezulu . Izikole eziphakathi zivame ukuba kusukela kumabanga 6-8 noma 7-8, kanti izikole zamabangaphezulu zivame ukuba kusukela kumabanga 9-12. E- United Kingdom, izikole eziningi zikahulumeni zamabangaphezulu kanye nezikole ezixhaswe ngasese zamukela abafundi abaneminyaka ephakathi kuka-11 no-16 noma abaneminyaka ephakathi kuka-11 no-18, kanti ezinye izikole ezizimele zase-UK, okungukuthi izikole zomphakathi, zamukela abafundi abaneminyaka ephakathi kuka-13 no-18.
Izikole zamabangaphezulu ngokuvamile zilandela izikole zamabangaphansi futhi zilungiselela imfundo yobuchwepheshe noma yezemfundo ephakeme . Emazweni anemalingeniso ephezulu nephakathi, ukuya esikoleni kuyimpoqo kubafundi okungenani kuze kube yiminyaka eyi-16. Izinhlangano, izakhiwo, kanye namagama asethsneziswayo ayahluka kuye ngezwe ngalinye.