Isiphambano saseNingizimu

Isiphambano saseNingizimu siyishomo sesibhakabhaka esiseningizimu sezinkanyezi ezine ezigqamile eziwukunyonta okumise okwesiphambano. Sitholakala engxenyeni eseningizimu yomthende obonakalayo womZilafasimbe. Nakuba siyiqembu elincane kunzo zonke izishomo ezingama-88 zanamuhla, isiphambano siphakathi kwezishomo ezibonakala kalula, njengoba inkanyezi ngayinye kwezine eziyinhloko inenkazimulo ebonakalayo oqhakaza ngesibalo +2.8.
Inkanyezi ebizwa Inkanyazimu (α Crucis -Acrux) enombala omhlophe-lundwa iyilungu eliseningizimu kakhulu lesishomo, futhi inenkazimulo eyi-0.8, yiyo ekhanya kakhulu. Ezinye izinkanyezi ezintathu zesiphambano zihlanganisa: InTshona (β Crucis -Mimosa), uNdonyazulu (γ Crucis -Gacrux), kanye neMpuma (-δ Crucis -Imai). UmGina (ε Crucis -Ginan) ungenye inkanyezi etholakala ngaphakathi kokunyonta kwesiphambano.