Isiphehlimandla
Isiphehlimandla, esibuye sibizwe ngokuthi indawo ephehlayo, siyilungiselelo lezimboni lokukhiqiza amandla wamazuba . Iziphehlimandla ngokuvamile zixhunywa emdwayingeni wamazuba .
Iziphehlimandla eziningi ziqukethe isiphehlimazuba esisodwa noma ngaphezulu, inguxa endiyazayo eguqula amandla wokuguxuzela abe amandla wamaZuba wezigaba ezintathu . Ukunyakaza okucakathayo phakathi kwendawo yewonga kanye nesisungubezi kudala uzuba .

Umthombo wamandla asetshenziselwa ukunyakazisa isiphehli ayahlukahluka kakhulu. Iziphehlimandla eziningi emhlabeni zishisa izibaseli zezintshicwa ezifana namalahle, amafuthetshe, nohowo lemvelo ukuze zikhiqize amazuba. Imithombo yamandla enomcalahle ophansi ihlanganisa amandla enuzi, kanye nokusetshenziswa kwezivuselelwa ezifana nelanga, umoya, umthaphokhoza, namazuba wamajilimba .