Isiphuphutheki

Isiphuphutheki siyindizamkhathi eyisithununu engenabashayeli eklanyelwe ukuyohlwaya emkhathingeni futhi ifufukise imininingo yenzululwazi emuva eMhlabeni. Isiphuphutheki zisetshenziselwa ukuyophenya iNyanga, Imizulane, imihlabana, amabhaqanyezi, ilanga nenqeke yomkhathi. Ngokuphambene nezivoko, ezivame ukuhlala zisozungezweni lo Mhlaba, iziphuphutheki zona zithunyelwa kude ngale kozungezo loMhlaba, kwezinye izindikimba zomkhathi noma emkhathingeni.[1][2]
uMlando
[hlela | Hlela umthombo]Isiphuphutheki zokuqala zakhandwa lapho kuqala inkathi yomkhathi eminyakeni esukela kowe-1950. Isiphuphutheki zokuqala kwaba yilezo ezakhandwa elaseRashiya, zithunyelwa enyangeni, ngenhloso yokuyocwaninga ngayo, ezalandela zona zithunyelwa kuNokhwezi, uNotshezi, uMkhulukhulwana, uNomaxhama nezinye izindikimba zozungezohlelo lweLanga.[3][4]
Iziphuphutheki zingahlukaniswa ngokohlobo lohambo esikhandelwe lona. Isiphuphutheki esiyondizela eduze yileso esidlula eduze nendikimba yomkhathi singangeni kuzingezo lwayo. Isizungezi sona siyangena ozungezweni lendikimba ukuze siphuphutheke noma siphenye isikhathi eside. Isinyathuzi Sona sifinyelela ebusweni bomzulane noma inyanga, kuyilapho rover yona ukwazi ukuhambahamba ebusweni. Iziphuphutheki zomoyambulunga zona zehla nomoyambulunga ukuze ziwucwaninge ukwakheka kwawo ngezimo zezulu.
Iningi leziphuphilutheki zenza imivubukulo yenzululwazi ebalulekile. Ngokwesibonelo, isiphuphutheki esibizwa iMariner yesibili Saba ezokuqala ukuba siyondizela eduze nominate umZulane ngempumelelo lapho sidlula kuNokhwezi ngowe-1962. Iziphuphutheki ezibizwa Voyager zona zahlwaya umkhathinga futhi kamuva zangena enqekeni yomkhathi. Uhambo olubizwa Cassini–Huygens lona lwacwaninga uNomaxhama nezinyanga zakhe, kuyilapho isinyathuzi Huygens kwaba Ilsiphuphutheki sokuqala ukucababala nokunyathuza enyangeni Titan ngowezi-2005.[1][5][6]
Iziphuphutheki zanamuhla ziyaqhubeka nokuhlwaya emajukujukwini omkhathi nozungezohlelo lweLanga. Isiphuphutheki esibizwa Voyager 1 Saba esokuqala esingena enqekeni yomkhathi ngowezi-2012. Futhi ezinye izinkambo zakamuva njengohambo lesiphiphutheki esibizwa Parker Solar Probe nesibizwa Lucy ziklanyelwe ukuyocwaninga iLanga nemihlabana yanguna ngokuningiliziwe.[7][8][9]
See also
[hlela | Hlela umthombo]Amaphatho
[hlela | Hlela umthombo]- 1 2 "Space probe". Britannica. https://www.britannica.com/technology/space-probe. Retrieved 2 April 2026.
- ↑ "Space probe". Space probe. https://www.britannica.com/dictionary/space-probe. Retrieved 2 April 2026.
- ↑ "Pioneer space probes". Britannica. https://www.britannica.com/technology/Pioneer-space-probes. Retrieved 2 April 2026.
- ↑ "Space exploration: Science in space". Britannica. https://www.britannica.com/science/space-exploration/Science-in-space. Retrieved 2 April 2026.
- ↑ Srama, Ralf. "The Cosmic Dust Analyzer onboard Cassini: ten years of discoveries". Journal of Physics: Conference Series. https://arxiv.org/abs/1802.04772.
- ↑ "Space probe". Space probe. https://www.merriam-webster.com/dictionary/space%20probe. Retrieved 2 April 2026.
- ↑ Ocker, S. K.. "Persistent Plasma Waves in Interstellar Space Detected by Voyager 1". Nature Astronomy. https://arxiv.org/abs/2105.04000. Retrieved 2 April 2026.
- ↑ "Voyager 1 transmitting data again after NASA remotely fixes 46-year-old probe". The Guardian. Kulandwe ngomhlaka 2 April 2026.
- ↑ "NASA probe successfully completes closest-ever approach to sun". The Guardian. Kulandwe ngomhlaka 2 April 2026.