Jump to content

Isivoko sokushulubeza

Kubuya ku Wikipedia
Uhlu lwezinhlobo zezivoko zokushulubeza zaseMelika ezisetshenziswa kusukela ngo-1960 kuze kube manje
Umbono wasemoyeni womuzi ka-U-Osama bin Laden esidlaveleni sasePakistan I-Abbottabad owenziwa yi-CIA.
Isivoko esibizwa KH-4B Corona
Isivoko sobunhloli saseMelika sokusezela lapho sisakhiwa
Unongo lwesivoko sokushulubeza saseJalimane I-SAR-Lupe ngaphakathi kwesicibamkhathi i-Cosmos-3M.
Ukweqela ngamachadaza (I-Rhyolite)

Isivoko sokushulubeza noma isivoko sezobunhloli siyisivoko sokubuka umhlaba noma isivoko sezokuxhumana esisetshenziswa kwezempi noma kwezobunhloli.

Izinhlobo zokuqala (i.e., ze-Corona neze-Zenith) zazithwebula izithombe, bese zikhipha izimboma ezinezithombe ezizokwehla zibuyele emhlabeni. Izimboma zesivoko i-Corona zazibanjwa zisemoyeni lapho zintweza ngebhamuza. Kamuva, imikhumbimkhathi yayinezinhlelo zezibhangqiwe zokuthwebula izithombe futhi yayithuluza izithombe ngamakhongco omsakazo anyandliwe.

EMelika, ukwaziswa okuningi okutholakala ngezivoko zokushulubeza kusezinhlelweni ezazikhona kwaze kwaba ngu-1972, njengoba lolu lwazi selukhishwe ngenxa yobudala balo. Okunye ukwaziswa mayelana nezinhlelo zangaphambi kwaleso sikhathi kusalokhu kuyimfihlo, futhi kunolwazi oluncane olutholakalayo ngemisebenzi eyalandelayo.

Izithombe ezimbalwa eziphambili zezivoko zokushulubeza ziye zavuleka ngezikhathi ezithile, noma zaputshuzwa, njengasendabeni yezithombe ze-KH-11 ezathunyelwa ku-Jane's Defence Weekly ngo-1984, noma uMongameli wase-US UDonald Trump efaka isithombe esiyimfihlo semiphumela yesivivinyo ezihlukile sesicibazulu sase-Iran's I-safir ngowezi-2019.