Isixungwane
Appearance
Isixungwane (noma umxungo) kuwukuxungeka kwelondomzimba okuwenza lisabele ngokweqisayo lapho umzimba udibana futhi uhlonza isixunga (allergen) esivamile njengosongo.[1] Ukuba nesixungwane kubangela Izifo zomxungo ezifana nomgubane, i-allergic conjunctivitis, isixungwane sofuba, i-I-atopica dermatitis, isixungwane sokudla, kanye ne-I-anaphylaxis. Izimpawu zezifo zonxungo zingase zihlanganise amehlo abomvu, ukuqubuka okulumayo, Ukukhwehlela, amafinyila, ukuphelelwa umoya, noma ukuvuvukala.[2]
- ↑ Allergy, p. 58–64, https://link.springer.com/rwe/10.1007/978-3-540-38918-7_231, retrieved 2025-07-04
- ↑ Cow's milk allergy versus cow milk intolerance. December 2002. p. 56–60.