Isokisi
Page Module:Hatnote/styles.css has no content.


Isokisi indwangu efudumele eqgokwa ezinyaweni, efihla amaqakala noma ucwezu lwesithende. Izicathulo ezahlukahlukene ziyaqgokwa namasokisi. Emandulo amasokisi ebekhandiwa ngendwangu yesikhumba sesilwane. Amasokisi enziwa ngemishini wona akhandwa ngekhulu leshumi nesithupha. Kuze kufike unyaka wama-1800s, amasokisi akhandwe ngezandla kanye nemishini akhandwa ngendlela yesimanje. Kwaba yinto ejwayelekile kusuka lwikhulu leshumi leshagalombili kuze kube namuhlanje.
Eminye yemisebenzi yamasokisi ukumunca umjuluko. Unyawo isona sitho somzimba esikhanda umjuluko emzimbeni. Iyakwazi ukukhanda ngaphezu kwe0.25 US pints (0.12 L) yomujuluko ngosuku. Amasokisi ayakwazi ukumunca umjuluko bese iwuhambisa endaweni lapho khona uzothola umoya ukuze uzoshabalala. Aphinde futhi amasokisi avikele izicathulo, ukwandisa ukuphila kwesicathulo.
Ezindaweni ezinamakhaza, amasokisi afudumele asiza abantu ngokuvikela izinyawo zabo ukuba zingatholi amakhaza kwehlisa izinga lokuthola ifrostbite. Amasokisi aqgokwa ngehlobo ukugcina izinyawo zipholile.
Kwifashini yabantu besilisa, amasokisi anemibala engagqamile ajwayele ukuqgokwa yibona. Amasokisi anemidwebo emihle asejwayelekile.