Jump to content

Izaba

Mayelana Wikipedia

- aba (bz) [izaba]- umzamo ongayi ndawo wokuzikhipha otakwini noma ecaleni; umzamo wokugcina wokwenza into; izatala.[1]

Ukwakheka

[hlela | Hlela umthombo]

Kubukeka sengathi leli gama lakheke ngendlela efanayo nelithi "ukuzama" umehluko kwaba ukuphimiseka ngokuhamba kwesikhathi. Asikho isiqiniseko ukuthi iliphi elidala phakathi kwelithi "ukuzama" nelithi "ukuzaba" kodwa womabili asho into eyodwa. Njengoba sekuke kwavela, igama "izaba" lihlobene kakhulu naleli elithi "ukuzaba". Ukuzaba kusho ukuzama noma kunzima. Bese kuthi izaba kube imizamo yokuhlenga isimo esithile[2]. Kulona futhi leli gama ukuzaba kuphinde kuvele igama elithi ukuzabalaza, okusho ukuzimelela entweni ethile[2].

Ukubika izaba - kusho ukuchaza indaba engaqondakali uzama ukuzikhipha enkingeni

  1. Book: The Official IsiZulu Dictionary, Isichazamazwi SesiZulu, IsiZulu National Lexicography Unit, Mpume Mbatha, ISBN: 978-0-99222-870-5, 2014. Pg. 1
  2. 1 2 Book: The Official IsiZulu Dictionary, Isichazamazwi SesiZulu, IsiZulu National Lexicography Unit, Mpume Mbatha, ISBN: 978-0-99222-870-5, 2014. Pg. 764