Jump to content

Izembatho zethu, Isithunzi sethu

Mayelana Wikipedia

Sithola indlela yokugqoka kuyiyona eveza indlela esibukeka ngayo nesifuna ukubukeka ngayo kubantu. Endaweni yaseMacambini kunemthetho engeke ifane nemithetho yasedolobheni laseThekwini. Sithola imibuzo eminingi mayelana nendlela esigqoka ngayo singabantu besifazane nangendlela amasiko ethu asivumela ngayo ukugqoka esikuthandayo nokuhambiselana nesiko.

Izembatho njengendlela yokukhuluma

[hlela | Hlela umthombo]
Izembatho azigcini ngokusimboza umzimba zikhuluma ngathi

Inhlonipho ihambisana kakhulu nendlela ogqoka ngayo yize kunabantu abathi inhlonipho ikumuntu ayikho ezingubeni azigqokayo. Angeke size sihlukanise isimilo nendlela yokugqoka lezozinto ziyahambisana uma ngabe inhlonipho ibingahlobene nendlela ogqoka ngayo ngabe thina bantu abamnyama sithi masishada sifake amabhulukwe okanye masiya emzini. Ukugqoka ngendlela ehloniphekile kanye nethandwa wuwe akuvezi ukuthi ulalela abantu koda kuveza indlela ofuna ukubukeka ngayo kubantu. Thina bantu abamnyama abangamazulu sikhule ibhulukwe lifakwa abantu besilisa koda ngokomthetho kaHulumeni nabantu besifazane bavumelekile ukuligqoka. Endaweni yangakithi esigodini saseMacambini ngaphansi kweNkosi Khayelihle Mathaba umuntu wesifazane wayengayi esigodlweni efake ibhulukwe koda uyahamba endaweni elifakilengoba umthetho kaHulumeni uyamvumela ngeke baze bamuthathele izinqumo ngendlela agqoka ngayo.

Izinkomba

[hlela | Hlela umthombo]