Izibongo

Mayelana Wikipedia

Izibongo ubuciko bomlomo obuvame lapho kukhona okubongelwayo [1]. Izibongo zinomlando omkhulu esiZulwini. Emandulo ukubongela inkosi kwakuba ngumsebenzi wamaqhawe ayazana kahle nokuzalwa nokukhula kwenkosi. Ngazo lezi zikhathi kwankungumsebenzi ophambili ukubongela inkosi. Ngokuvamile kubongelwa ngoba kukhona okuhle okunconywayo okungaba ukuhlabana okuthize kwalowo noma kwalokho okusuke kubongelwa. Uma kubongelwa, imbongi inelungelo lokuthi lapho ibongela ikufake okuwubuthakathataka kwalowo noma kwalokho okusuke kubongelwa. Ngalokhu izibongo zingasho okuhle ziphinde futhi zigxeke loyo osuke ebongelwa noma lokho okusuke kubongelwa [2]

Izinhlobo[hlela | Hlela umthombo]

Izibongo zihlukene kanje, kukhona izibongo zesimnje kanye nezibongo zasemandulo. Izibongo zesimanje singabala lezo ezibhalwe phansi, zibuye zishicilelwe. Ngokufuka kwempucuzeko yaseNtshonalanga, kwaqalwa ukubhalwa kwezinkondlo zesimanje, zibhalwa zigcinwe ezincwadini, kwi-intanethi ezinye ziqoshwe [3].

Izibongo zasemandulo yilezo zibongo ezihaywa ngomlomo ezingabhaliwe phansi. Izinkondlo zasemandulo zazningabhalwa hansi, kepha zaziqukathwa ngekhanda yilowo obengelayo. Nokho-ke ngokuphucuzeka nazo izibongo zasemandulo seziyatholakala ezincwadini kanye nesemthonjeni eminingi inhloso yalokhu ukuzigcina.

Uma kubongelwa kungabalwa lokhu okulandelayo [1]:

  • Abantu (isibonelo Inkosi noma iqhawe)
  • Izilwane (isibonelo, inja noma inkunzi)
  • Okunye okungaphili (isibonelo umfula noma intaba).

Kukhona olunye uhlobo lwezibongo ezihanyawa imizuzwana, kusetshenziswa amagama ambalwa futhi zihaywa isikhathi esifushane. Lezi zibongo zibuye zibizwe ngokuthi izihasho. Emandulo abantu babeba nezihasho zabo, ngaphandle kwezithakazelo. Izihasho ziqanjwa zisuselwa ekuhlabaneni okuthize okungaba isemdlalweni othize noma ekwaluseni. Kuyenzeka lapho umuntu ongunkunzimalanga kwezikanoputshuzwayo, kuwazwale izihlwele zimhalelisa uma ibhola eselibambile. Nayo loyo usezolibamba ngobunono akhiphe wonke amangwevu, ngoba amehlo wonke enkundleni asuke esethe njo kuyena [1].

Ezinye izihasho zaziqanjwa ngabafana emdlalweni uma belusile. Umfana wayezihasha yena noma ahashwe ngontanga yakhe. Ngenkathi umfana ekhula, enza ezinye izenzo ezincomekayo, ikakhulukazi ezobuqhawe,wayeqanjwa ezinye izihasho ngaphezu kwalezo aseke esenazo. Ngokwamasiko ezinye izizwe umuntu uhashwa kuphela ngabanye abantu, akakwazi ukuzihasha yena. Kanti kwezinye izizwe umuntu uyakwazi ukuzihasha yena. Kuyimvamisa ukuzwa omasikandi bezihasha bona ngokwabo ngenkathi bedlala iziginci nokunye[2] [3].

Bheka futhi[hlela | Hlela umthombo]

Imithombo[hlela | Hlela umthombo]

  1. 1.0 1.1 1.2 T,E Ntombela; et al. (2001). Amagwwevu esiZulu Ibanga 8. Shuter and Shooter. Text " page 13, 21 " ignored (help)CS1 maint: Explicit use of et al. (link)
  2. 2.0 2.1 IsiZulu Soqobo 10. Shuter aand Shooter. 1988. p. 269-297. Unknown parameter |auhtor= ignored (|author= suggested) (help)
  3. 3.0 3.1 T,E Ntombela; et al. (2001). Amagwwevu esiZulu Ibanga 9. Shuter and Shooter. Text " page 13, 21 " ignored (help)CS1 maint: Explicit use of et al. (link)