Izigiyo

Izigiyo izingoma zomdabu eziculwa futhi zigidwe ngabantu besifazane abangamaZulu. Zisetshenziswa njengendlela yokukhuluma ngemizwa, izimo zokuphila kanye nezinselelo ababhekana nazo nsuku zonke.[1] Lezi ngoma akuzona izingoma ezibhalwe okunye ezishicilwe phansi, lokhu kusho ukuthi izingoma ezihumushwa ngomlomo,zingcinwe ngomlomo futhi zidluliswe ngomlomo zidluliselwa ezizukulwaneni ngezwi. Izigiyo zisiza ukugcina izindinganiso zompakathi, amasiko kanye nomlando wesizwe.[1] Ngazo abantu besifazane bakhona ukuveza imizwa yabo efana nemisebenzi yansuku zonke, ubudlwane ,izinkinga kanye nokudumala noma ukujabula emphakathini okanye emakhaya. Ngakho ke, izigiyo ziyindlela ebalulekile yokuthi abesifazane baveze imibono yabo, babelane ngezinto abahlangabezana nazo, futhi bakwazi nokuphikisa izimo zomphakathi.[1]