Jump to content

Izindlela zokucinga umsebenzi kwi-inthanethi

Mayelana Wikipedia
imisebenzi

I-inthanethi yithuluzi lezobuchwepheshe elisetshenziswa umhlaba wonke ukuxhumana, ukucobelelana ngolwazi lisebenzisa iwebhusayithi exhumanisa wonke amawebhusayithi kusukela kuma-imeyili kuya ezinkundleni zokuxhumana. Ivumela ukuba ulwazi lutholakale masinyane phakathi kwezindawo eziningi emhlabeni wonke.[1]

Thola imibandela yokucinga umsebenzi

[hlela | Hlela umthombo]

Ngaphambi kokuba ungene kuma webhusayithi zazi ukuthi ufuna luphi uhlobo lomsebenzi noma indima ozoyidlala kulowo msebenzi, cacisa ukuthi ufuna siphi isikhundla. Yazi izimboni nezinkampani ohlose ukusebenza nazo. Yazi indawo okumele usebenzele kuyo. Cacisa ukuthi ufuna yiphi inhlobo yomsebenzi, okungaba umsebenzi wesikhathi esigcwele, umsebenzi wesikhashana, ama-internship noma izinkontileka. Yazi ukuthi isipiliyoni sakho sikuphi. Yenza i-CV ebuyekeziwe ukuze iziqu zakho nofakazi bakho kuthembeke. Bhala incwadi yesicelo somsebenzi uma idingeka.

Sebenzisa izinjini zokucinga umsebenzi

Lama webhusayithi aqoqa ukufakwa kohlu lwemisebenzi emithonjeni eminingi:

  • Indeed(indeed.com): Sebenzisa uhlu ngokomholo, indawo kanye nenkampani.
  • LinkedIn(linkedin.com/jobs): Sesha imisebenzi bese uyaphawula ukuze uzoxhumana nabaqashi.
  • Imisebenzi yaku-google: Kwi webhusayithi ka-google sesha ukuthi "imisebenzi eseduze nami"

Sebenzisa izihlungi ngokuhleleka

[hlela | Hlela umthombo]

Sebenzisa amagama akhethiwe ukusesha umsebenzi. Hlunga ngosuku ethunyelwe ngayo, inkampani, iholo kanye nezinga lesipiliyoni.

Vakashela amawebhusayithi ezinkampani

[hlela | Hlela umthombo]

Uma kukhona izinkampani ofuna ukusebenza kuzo, vakashela ikhasi labo lomsebenzi ngokujwayelekile. Balandele ezinkundleni zokuxhumana okuwu-LinkedIn no twitter ukuze uthole izimemezelo.

Hlala uhlelekile futhi ungaguquki

[hlela | Hlela umthombo]

Landelela isicelo sakho somsebenzi. Hlela iskhathi sokusesha nsukuzonke noma masonto onke.

IZINKOMBA

[hlela | Hlela umthombo]

Dennis,A.(2025) Available at:

  1. https://www.britannica.com/technology/Internet

(Accessed:22 April 2025)