Jump to content

Izinkinga obhekana nazo njengomfundi ofikayo enyuvesi

Mayelana Wikipedia

Njengomfundi ofikayo enyuvesi kuningi ongabhekana nakho noma ongahlangabezana nakho . Ukuntsha indawo yokuhlala kukodwa nje akukho Lula kodwa ikhona indlela yokujwayela indawo uma ungumuntu ofikayo endaweni. Ukuba umfundi ofikayo enyuvesi kunzima ngoba usuke ungasekho umndeni wakho eduze lapho sekumele ufunde ukuzimela. [1]

Izinkinga ongabhekana nazo ilezi:

1Ukuzimela - ukuba senyuvesi akube kusafana nokuba sekhaya lapho uthola yonke into oyifunayo futhi kukhona nabazali , enyuvesi usuke usuwedwa lapho sekumele uzithathele wena izinqumo futhi izimele ukwazi nokuxazulula Izinkinga uma zifika endleleni

2 Ukwenza abangani- akukho lula ukwenza abangani ngesinye isikhathi ikakhulukazi uma ufika endaweni kungenzeka futhi uhlangabezane nabangani abangalungile abangagcina sebekufaka ezintweni ezingalungile Kanti futhi uyahlangana nabangani abazokwakha empilweni.

3 Ingcindezi yemfundo-ukucindezeleka kwezemfundo kungaqhamuka uma ngezindlela eziningi uma ungasuye umuntu ojwayele ukufunda njalo lokho kungabanga igcindezi ngokungaziniki isikhathi esifanele Kanti futhi ingcendezi ungaba nayo uma ufunda isifundo esingekho emaphushweni akho .

4 Ukuphathwa kwezimali - Kubalulekile ukwazi ukusebenzisa imali ngendlela efanele , ngoba nakho kungakubangela incidezi uma ungayisebenzisi ngendlela efanale . Kumele ufunde ukuzihlelela indlela yokusebenzisa imali nakho lokho kuyinxenye yokuzimela. [2]

Inkomba[3]

  1. https://uwaterloo.ca/future-students/missing-manual/student-life/10-challenges-you-may-encounter-university
  2. https://uwaterloo.ca/future-students/missing-manual/student-life/10-challenges-you-may-encounter-university
  3. https://uwaterloo.ca/future-students/missing-manual/student-life/10-challenges-you-may-encounter-university