Jump to content

Izinkondlo

Kubuya ku Wikipedia

Izinkondlo

Mngan' wam

Mngan' wam' omuhle

Uyilanga liphuma,

Uthingo lwenkosazana

Uyindoni yamanzi


Mngan' wam weqiniso ,

Uyakhazimula njengezinkanyezi,

Abanye bathi kungcono ukwethemab' itshe

kunomuntu,mina ngikwethemba kakhulu

Awusoze wangijikela

Ngiyakuthanda mngan' wam

Luyanda.Mpala


Dudu du du du

Landindizela iZulu

Laguqubala lamnyama bhuqe

Hawu layithela

Impela lethwese ihlobo


Zaqala zaqhakaza iZimbali

Utshani buluhlaza cwe

Zaqala zatshakadula izinkomo

Baduma ogandaganda emasimi

zaboshelwa izinkabi zadonsa amagetsha


Yinhle lenyanga kamandulo

Nazi nezivmvemvane ziqaqela iZimbali

izingane ziyojabula

Ngisho nezilwane ziyothokoza

Impela lethwese ihlobo

Luyanda.Mpala


Okungabonwa kuyaphila

Waze wabuthwala ubunzi bo

Waze wawuthwala umthwalo osemahlombe

Uyisithandwa Wena ongabonwa


Mizwa yam

Awuphefumuli Kodwa uyaphila

Ukhuluma nam njalo

Uyathanda futhi uyazonda

Uhlukumeza Izinhliziyo zabantu abamsulwa


Mizwa yam uyaphilisa

Unginikeza ithemba elingapheli

Ungenza ngizizwe njenge nkosazana

UKuba nawe kungenza ngingabi nesizungu

Ngifisa sengathi ungahlala ingunaphakade

Wena ongabonwa

Ukhuluma Kimi njengomuntu

Ungumngani ebanganini

Akekho oyofana nawe

Ngoba ukhethekile

Okungabonwa kuyaphila


Luyanda.Mpala