Izinkondlo ziyindlela yokwazi amasiko ethu
Izinkondlo ziyindlela yokuzazi njengabantu abamnyama. Abantu abamnyama bebakholelwa ukuthi ukuze baveze imizwa yabo kwakumele basebenzise izinkondlo. Ngakho lezo zinkondlo zihlanganisa ukwazi amasiko, imithetho kanye nokukhombisa inhlomopho emphakathini.
[hlela | Hlela umthombo]
Ukubaluleka kwezinkondlo
[hlela | Hlela umthombo]Izinkondlo zibalulekile ngoba ziyindlela yokuphila. Ziyindlela yokufunda amasiko abantu abamnyama, imihambo kanye nokuphilisana emphakathini. Kubalulekile ukuthi umuntu ngamunye azazi ukuthi uvelaphi, ikakhulukazi thina bantu abamnyama. Abantu abadala babesebenzisa izinkondlo ukukhipha iziyalo ekhaya lapho bebona ukuthi kukhona ingane ephuma endleleni. Ngakho leso siyalo sasibhekiselwa kuloyo mntwana ngokukhethekile ukuthi akashitshe izindlela zakhe aphila ngazo ngoba izomfaka engozini. Ngakho lokhu kukhombisa khona ukuthi izinkondlo azingcini nje ngokufundwa kuphela kodwa futhi zinyindlela yokuphila komuntu ngamunye[1].
Izinzuzo zokusebenzisa izinkondlo
[hlela | Hlela umthombo]Ziyasiza izinkondlo ngoba uma izingane zijwayelene nazo kuba lula nalapho zifika esikoleni. Ngaba esikoleni izinkondlo ziyingxenye yemfundo ngakho lokho kuzobalungiselela ukuthi bajwayelane ukusebenzisa ulimi. Ngoba phela izinkondlo azisebenzisi ulimi olulula kodwa zisebenzisa ulimi olujulile. Ngakho uma bezijwayelanisa nolimi olijulile kuyoba lula ngabo ukulifunda esikoleni. Izinkondlo zinenzuzo ngoba zihlanganiosa izisho, izingathekisa, ukuteketisa , konke lokhu kuyizindlle zolimi olujulile.[2]
Nakuba izinkondlo zithathwa njengombhalo wakudala kodwa zibalulekile futhi ziwusizo . Ababhali abadumile basazibhala abakayeki ngakho kubalulekile ukuthi sizijwayelanise nazo. Yebo abanye bathi kunzima ukuziqonda kodwa noma kunjalo kumnandi ukuzifunda ngoba sithola oluningi kuzo njengabantu abakholelwa emasikweni. [3]
Izikhomba
[hlela | Hlela umthombo]- ↑ Ojaide, T., 1995. New trends in modern African poetry. Research in African literatures, 26(1), pp.4-19.
- ↑ Hanauer, D., 2003. Multicultural moments in poetry: The importance of the unique. Canadian modern language review, 60(1), pp.69-87.
- ↑ Koelsch, L.E., 2016. The use of I poems to better understand complex subjectivities. In Poetic Inquiry II–Seeing, Caring, Understanding: Using Poetry as and for Inquiry (pp. 169-179). Rotterdam: SensePublishers.