Izinyanga zikaNomaxhama

UNomaxhama unezinyanga ezingama -274 eziqinisekisiwe, ukwdlula eminye imizulane ekhona kuzungezohlelo lweLanga . Izinyanga zikaNomaxhama ziyahlukahluka ngobungako, kusukela kwezincane ezincane kwenkulu ebizwa uSomusi, enkulu kunomzulane uNomjubane nokuyinyanga yesibili ngobukhulu kuzungezohlelo lwelanga. Ezintathu zalezi zinyanga zinezici eziphawulekayo: uSomusi unomoyambulunga ofana nowoMhlaba ocebile ngeNihwe kanye nendawo enamahleloxhumano emifula namachibi omcalahwanzi, uNoqhwahla yena ukhipha imitshazo yeqhwa echopheni eliseningizimu futhi umbozwe ungqimba olujulile lweqhwa, kanti uSonguxu yena unezindawo ezimnyama nezimhlophe ezihlukene kanye nogu lolwandle olukhulu lwezintaba zenkabazwe eziphakathi kwezinde kakhulu kuzungezohlelo lwelanga .
Amagama ezinyanga zikaNomaxhama:
Titan - uSomusi
Rhea - uMthwathwa
Iapetus - uSonguxu
Enceladus - uNoqhwahla
Mimas - uMbayiyana
Tethys - uMshaza
Dione - Isithwathwala
Janus - uMjaqaba
Promethues - uNjengetshe
Epimethues - uMaqhoqho
Helene - uQhagana
Hyperion - uSompensu
Methone - uMshipilizana
Pandora - uMphiliza
Calypso - uMfusatshe