Jump to content

Izinyanga zonyaka

Kubuya ku Wikipedia

Izinyanga zonyaka ziyindlela yokubala isikhathi, zokwazisa abantu isikhathi abakuso omnyakeni, lokhu kwenziwa ngokubheka iphepha eliyiKhalenda noma ngokubheka izimo zenyanga esemkhathini. Ngokuvamile ubude benyanga eyodwa bucishe bulingane nomjikelezo wezimo zeNyanga esesibhakabhakeni. Ngisho negama elithi elithi inyanga lithathwe kuyo iNyanga ekhanyayo ebusuku ngoba abantu babebheka kuyo, izimo zayo, ukuze bazi isikhathi sonyaka abakuso. Izimo zenyanga zithatha izinsuku ezingama-29.53, inkathi yozungezo lwayo loMhlaba. Lokhu kusho ukuthi kuzoba nezinyanga ezili-12.37 ngonyaka owodwa. Lena kwakuyindlela yokubala umnyaka endulo, nakwaZulu kwakusetshenziswa yona. Ogqayinyanga, ababeyizinhlomeli esigodlweni, yibona ababenza umsebenzi wokubala isikhathi sonyaka, njengoba babe ngabavakashi ebusuku. Baningi abantu nezizwe ezisebenzisa izimo zenyanga ukuze zibale isikhathi sonyaka.

Kubonakale kubalulekile ukuba kubhekisiswe ezinyangeni zesiZulu ngoba zineqhaza elikhulu ezilibambile ezimpilweni zabantu. Kusemqoka futhi ukuthi umphakathi waziswe ukuthi izinyanga zesiZulu izwe lisabusa zazisemqoka emisebenzini eyehlukene. Emamdulo kwakubhekwa ilanga, inyanga, izinkanyezi, umoya kanye nokutshaliwe ukuqamba ngezigameko ezenzekayo ezigqamisa inyanga nenyang. Umuntu ungumZulu ubebona ngokushintsha kwesimo sezwe ukuthi sekuyisikhathi sokwenza okuthile. Singalinganisa njengenyanga kaNcwaba lapho isimo sezwe sisuke sesibuyela kwesejwayelekile emva kwesomiso.

Izinyanga zesiZulu

[hlela | Hlela umthombo]

Ziyishumi nantathu sezizonke izinyanga ngokwesiZulu. Inyanga yeshumi nantathu ayigqamile kangako gnoba yona ayanso isigameko sayo iqajwe ngokuthi iNdida. Zihleleka kanje izinyanga eziyishumi namili ngokulandelana kwazo

  • uNcwaba - inyanga yokuqala yonyaka wesizulu, ibizwa nangokuthi uNhloyile, uNcabakazi, ngenxa yokuncwba kotshani buqala ukuba luhlaza.
  • uMandulo - inyanga yesibili, eyayibizwa ngelithi uMpandu nokuthi isokanqangi. Inyanga yokuvela kwezivande.
  • uMfumfu - noma uNkanku, inyanga lapho kuhluma khona mahlumela athi mfumfu, ezitshalweni nasezihlahleni nasemithini.
  • uLwezi
  • uZibandlela - Noma uDlolo, lapho imizila nezindlela zifihlwe ubutshani
  • uMasingana - uNgcelamkhwekazi,
  • uNhlolanja - uMbimbithwa
  • uNdasa - ibizwa kanje ngenxa yobuningi bommbila namabele, abantu bayandasa ngale nyanga, bayasutha
  • uMbasa - iqala lapho sekuqala ukubaswa ngenxa yemvula eletha amakhaza
  • uNhlaba - inyanga yokuqhakaza kwezinhlaba
  • uNhlangulana - le nyanga yaziwa nangokuthi uMaquba omncane, uluThundlana.
  • uNtulikazi - eyaziwa nangokuthi uNtulini, uMpofu, uMaquba noma uNhlangula. Yaziwa ngokuba nothuli olukhulu.
  • uNdida -

Iziyanga zaseNtshona

[hlela | Hlela umthombo]

uJanuwari

uFebhuwari

uMashi

u-Ephreli

uMeyi

uJuni

uJulayi

u-Agasti

uSepthemba

u-Okthoba

uNovemba

uDisemba