Jump to content

Iziqu zobuncunda

Kubuya ku Wikipedia

Iziqu zobuncunda (kusuka kusihlonipho esithi incunda selithi imfunda) ziyiziqu ezithweswa abasesigabeni sobumfunda ezinikezwa yIzikhungo zemfundo ephakeme ngemuva kokuphothula izifundo ezithatha iminyaka emithathu kuya kweyisithupha (kuya ngesikhungo sakwangqondonkulu). Iziqu ezimbili ezaziwa kakhulu Ubuncunda kwezobuciko (BA) Nobuncunda kwezenzululwazi (BS noma BSc). Kwezinye izikhungo nezinhlelo zemfundo, iziqu athile zobuncunda zenziwa kuphela njengemfundo ukuthwesa iziqu noma yabagogodile ngemuva kokuphothulwa kweziqu zokuqala, yize ngokuvamile ukuqeda ngokuphumelelayo iziqu zobuncunda kuyisidingo esibekiwe sezifundo ezengeziwe ezifana nobuntwesi noma ubungcithabuchopho.

Emazweni anohlaja lwezimfanelo, Iziqu zobuncunda ngokuvamile ziyingxenye yamazinga ayinhloko ohlaka (ngezinye izikhathi amazinga amabili lapho Iziqu zobuncunda ezinomqholiso nezingenamqholiso zibhekwa ngokwehlukana). Kodwa-ke, ezinye izimfanelo ezibizwa ngokuthi iziqu zobuncunda zingaba kwamanye amazinga (isib, I-MBBS) futhi ezinye izimfanelo ezineziqu ezingezona ubuncunda zingajinjwa njengeziqu zobuncunda (isib. i-Scottish MA ne-Canadian MD).

Igama elithi Ubuncunda livela kwelihloniphayo elithi incunda, elivela esenzweni esihloniphayo esithi ukucunda, esisho ukufunda. Incunda ibizo elihloniphayo elisho imfunda, elisho lowo osafunda, ongakabi ingcweti noma uNgoti, imfundamakhwelo. Liyefana nelesiLathini elithi Baccalaureate elalibhekisela kulowo oyiqhawe eliselincane kakhulu noma elimpofu kakhulu ukuqoqa amaphini ngaphansi kwefulege lalo, kwakuyimfundamakhwelo. Ngokuhamba kwesikhathi kwegama, igama elithi baccalaureus laqala ukuhlotshaniswa ne-I-bacca lauri ("amajikijolo e-laurel"); lokhu kubhekiselwa kuma-laurels anikezwa ngempumelelo yezemfundo noma udumo.