Jump to content

Iziza zefagugu kuzwelonke zaseNingizimu Afrika

Kubuya ku Wikipedia
Uphawu olusetshenziselwa ukubonisa ukuvikelwa njengeSiza Sefagugu Kuzwelonke.

ISigaba 27 Sezinsizakusebenza Zefagugu Kuzwelonke (NHRA) eNingizimu Afrika sinikeza izindawo ezibalulekile ezingokomlando noma ezingokwesiko ukuba ziqokwe njengezindawo zefagugu kuzwelonke. Lokhu kwaqala ukusebenza ngokwethula koMthetho ngo-1 April 2000, lapho zonke izikhumbuzo zikazwelonke zangaphambili ezamenyezelwa uMkhandlu Wezikhumbuzo Kuzwelonke wangaphambili kanye neziza ezimandulele zayo zaba yiziza zefagugu zezifundazwe njengoba kuboniswe kuSigaba 58 soMthetho.

Zombili iziza zefagugu kuzwelonke nezezifundazwe zivikelwe ngaphansi kwemibandela yeSigaba 27 se-NHRA, futhi imvume iyadingeka ukuze kusetshenzelwe kuzo. Iziza zefagugu kkuzwelonke zimenyezelwe futhi ziphethwe yisiphathimandla sensizakusebenza yefagugu kuzwelonke, i-SAHRA; iziza zefagugu zesifundazwe ziwela ngaphansi kweziphathimandla ezihlukahlukene zefagugu zezifundazwe.

Uphawu lwe-SAHRA lusetshenziselwa ukuphawula iziza zefagugu kuzwelonke.