Khumalo

Igama elithi Khumalo liyisibongo sabantu abahlala esifundazweni saKwaZulu-Natali, eNingizimu Afrika, nasezweni laseZimbabwe lapho abanye abafudukela khona. Izithakazelo zakwaKhumalo zona zisikisela ukuthi bavela ngenhla komfula iZambezi. Lesi sibongo siyingxenye yeqembu labantu abaziwa ngoMntungwa, ezinye izibongo eziyingxenye yaleli qembu zihlanganisa uBlose, uMabaso noZikode, abazinze phakathi kwamaNdwandwe noMthethwa. UMzilikazi noMbulazi bangabantu bakwaKhumalo abaziwa kakhulu, futhi uMzilikazi uyena owasungula isizwe samaNdebele kaMthwakazi kwelaseZimbabwe.
Umlando
[hlela | Hlela umthombo]Umuntu okuthiwa nguyena oyinzalabantu kwaKhumalo nguyena qobo uKhumalo ozalwa nguMntungwa kaMbulazi. UMntungwa noMbulazi iwona amagama agqame kakhulu ashiwo lapho kuthakazelwa khona abantu abakwaKhumalo nabakwaMabaso kuthiwa Mntungwa kaMbulazi noma Mntungwa-Mbulazi . Umlando uveza ukuthi uMabaso wabe engumfowabo kaKhumalo, bobabili bengamadodana kaMntungwa.
Ngokwezigaba zabeNguni oKhumalo bangamaNtungwa. Akungabazeki ukuthi Kube khona inzalabantu yabo egama layo linguMntungwa. Njengawo wonke amaNguni angamaNtungwa nabo abakwaKhumalo badabuka ezindaweni ezimaphakathi nezwe enyakatho noThukela. Ngokukhethekile bona babakhe eBabanango nasezindaweni ezizungeze ngakhona mangenhla nomsuka womfula uMhlathuze.
UKhumalo wazala uMkhatshwa owazala uZikode owazala uGasa, uMashobane noMagawozi ngokulandelana kwabo. Ubukhosi bakwaKhumalo kulamadodana bahlukana ngokwezindlu. Yize uMashobana wayevela endlini encane ngenxa yokuthi indodana yakhe uMzilikazi yaba yiqhawe futhi Yaba nobudlelwano obukhulu neNgonyama uShaka, kwaba iyona ndlu echuna kakhulu lena kunezinye.
Ngesikhathi sokubusa kukaMashonane oKhumalo babenobudlelwano obukhulu nobukhosi bamaNdwandwe eNkosi uZwide. UMzilikazi kaMashonane uqobo wayezalwa ngoNompethu okuthiwa wabe eyindodakazi kaZwide, yize abanye osomlando bethi wayengudadewabo. Ngalokho-ke ikomalume likaMzilikazi kwabe kuyikwaNdwandwe, okuyilapho akhulela khona.
INkosi uZwide yabe inomkhuba ongajwayelekile wokuthi ibulale amakhosi bese iwanquma amakhanda kuhlotshiswe ngawo ilawini likanima uNtombazi. Lomkhuba wave uvamise ukwenziwa ezitheni zakhe uZwide. Ngezizathu ezingaqondakali naye uMashobane bagcina sebembulele banquma ikhanda lakhe laya elawini likaNtombazi. Emva kwaleso senzo uMzilikazi wabaleka waya kowakha ubudlelwano nobukhosi bakwaZulu obabusaphenjwa ngaleso sikhathi buphenjwa yiNkosi uShaka, kwabe eseyisitha esikhulu sikaZwide, naye efuna ukuphisela ukufa kweNkosi uDingiswayo kaJobe owayebulewe ngiye belu uZwide.
Ngaleso ndlela uMzilikazi waba nelikhuli igalelo ekulekeleleni uShaka ukuthi anqobe uyisemkhulu wakhe uZwide owabe eseyisitha nakuye ngokubulala uyise. UMzilikazi waba ngenye yezikhulu zakwaZulu neLembe(uShaka) limkhonzile ngenxa yobuqhawe bakhe ....
Izithakazelo zakwaKhumalo
[hlela | Hlela umthombo]Mntungwa,
Mbulaziomnyama,
Nina bakaBheje eseNgome,
Nin' enadl'umuntu nimyenga ngendaba,
Nin' enadl' izimfe ezimbili ikhambi laphuma lilinye,
Lobengula kaMzilikazi,
Mzilikazi kaMashobana,
Shobana noGasa kaZikode,
Zikode kaMkhatshwa,
Okhatshwe ngezinde izinyawo nangezimfushanyana,
UMkhatshwa wawoZimangele,
UNyama yentini yawoZimangele
Mabaso owabasa entabeni kwadliwa ilanga lishona,
BaNtungwa abancwaba,
Zindlovu ezibantu,
Zindlovu ezimacocombela,
Nina abakwaMawela owawela iZambezi ngezikhali,
Nina abakwaNkomo zavula inqaba,
Zavula inqaba ngezimpondo kwelaseNgome zahamba,
Nina enalukudla umlenze kwaBulawayo,
Mantungwa Aluhlaza,
Mantungwa Amahle,
Bantwana benkosi,
Nina abakwaNtokela,
Inkubele abayihlabe ngamanxeba,
Abakhule ngezinyawo ezimfishanyana nezimaqhukulwana,
Inyanga abathe bethi ifile uZulu kanti isiyetheswe,
Yetheswe ngoNyakana kaMpeyana,
UBando abalubande balushiya uZulu,
UNtshwintshwintshwi kaNoyanda noNdaba,
UNkone evele ngobuso emdibini,
Maqhawe amakhulu
Abantu abaziwayo
[hlela | Hlela umthombo]Mzilikazi Khumalo - umqambi wezingoma nosolwazi
Basetsana Kumalo - usomhwebo onewhaza kwezohwebo
Doctor Khumalo - wayengumdlali webhola owadlala eqenjini le-Kaizer Chiefs nakuBafana Bafana.
Kelly Khumalo - umculi odumile wezingoma zothando nowahlabana ngezindondo zamaSAMA
Andile Khumalo - umqambi womculo nomqaqathi
Sibongile Khumalo - umculi odumile womculo we-Jazz nesishoshovu.
Leleti Khumalo - umlingisi odumile wezingqayi ezahlabana ngezindondo zamaSAFTA
Sibusiso Khumalo - umdlali webhola likanobhutshuzwayo