IKwaito
| Kwaito | |
|---|---|
| Amanye amagama |
|
| Imvelaphi yohlobo | |
| Imvelaphi ngokwesiko | Late 1980s–1990s, South Africa |
| Uhlobo olususelwa kuwo | |
| Iminxa engaphansi | |
| |
| Iminxa yengxubano | |
| |
| Okunye | |
| |

IKwaito (iKwayito) uhlobo lomculo olwavela eSoweto, eGoli, eNingizimu Afrika, ekupheleni kweshuminyaka yowe-1980 nasekuqaleni kowe-1990. Ingumsindo obonisa ukusetshenziswa kwemisindo namasagulo zaseNingizimu Afrika. Amaculo eKwaito agijima ngesiqubu esisililizayo kunezinye izinhlobo zomculo we-house futhi zivame ukuba nezangulo zomculo we-melodic ne-percussive loop, imigqa yembodlongo ejulile kanye namazwi. Zifana kakhulu nesiqubu sasekuqaleni kweshumiminyaka lowe-1990 somculo we-house waseNew York.
uMsukagama
[hlela | Hlela umthombo]Igama elithi kwaito livela olimini lwesishalambombo saseNingizimu Afrika elithi "kwaai," elidlulisa umqondo osho "okuhle" noma "okubi" ngokomongo omuhle. Leli gama elithi "kwaai" ngokwalo linemvelaphi yolimi lwesibhunu, lapho ekuqaleni lalisho ukuthi "ulaka" noma "ubudlova." Kodwa ngokosiko lwentsha yaseNingizimu Afrika, laguquka umqondo ukuze limelele into ethandekayo noma enhle.[2][3]
Umculo weKwaito wenza isiko lasemalokishini langemva kobandlululo libe undabuzekwayo nakuba ulimi lwesibhunu lwaluyamaniswa nombuso wobandlululo nengcindezelo yobuhlanga, amagama esibhunu ngokuvamile ayesetshenziswa olimini olubizwa Sabela kanye nesicamtho, futhi asetsheziswa kabusha ngomongo omusha. uM'du Masilela, oyingqalabutho engumculi wekwaito, wathi, "Lapho umculo wehouse uba yisibunge, abantu basemalokishi bawubiza ngokuthi iKwaito basusela egameni lesibhunu elithi kwai, okusho ukuthi lezo zingoma zazishisa futhi zithandwa kakhulu."[4][5] Igama lesicamtho elisuselwa kwelesibhunu elithi kwaai lalithi amakwaitosi, elisho ukuthi izigcwelegcwele. UArthur Mafokate wachazisa ubudlelwane bekwaito nobugcwelegcwele njengomculo oshwiliza empilweni yaselokishi.

uMlando
[hlela | Hlela umthombo]IKwaito yavela futhi yaguquka eNingizimu Afrika njengohlobo lomculo we-house Ekupheleni kweshumiminyaka lowe-1980 nasekuqaleni kweshumiminyaka lowe-1990,[6] yaba Umculo ophambili esikweni langemva kokuphela kobandlululo. Izikole zasemalolishini zazithwele kanzima ngokwezimali futhi zihluleka ukuhlunzeka abafundi nezifundo zomculo ezinganothisa ibungcwethi babo bezemfundo. Ngenkathi yombuzo wobandlululo nangemva kwalo, uhlelo lwezemfundo lwaseNingizimu Afrika lwalugcwele ukucwasa nokungalingani. Izikole zasemanxulumeni zazithola izinsizakusebemza ezimbalwa noxhaso olunganele lapho ziqhathaniswa nalezo ezisezindaweni ezicebile, okwakwenza amathuba abafundi basemanxulumeni angeneli.
Ngokwalomongo, ikwaito yavela njengomunxa owawungadingi umchachiso womculo ohlelekile, nezikhala zokuvitha ezinkulu, noma izinsimbi zomculo ezibizayo, ngaleyondlela ihlinzeka ngofikelelo olukhethekile kubantu abasemiphakathini ehlwempu. Imigoqo embalwa yokwenza lomculo yavumela ukuba intsha yasemanxulumeni iwuthande umculo futhi iveza ubuciko bayo ngawo, kungakhathaliseki imigoqo eyayibekwe isimondawo sezemfundo nesezomnotho.[7] Abantu abaqavile emculweni weKwaito lapho usaqala bahlanganisa uMdu Masilela (M'du), uMandla "Spikiri" Mofokeng, uArthur Mafokate, uSandy B namaqembu afana ne-MM Deluxe (M'du Masilela noSpikiri), iBoom Shaka ( uLebo Mathosa, uTheo Nhlengethwa, noThembi Seete), iTrompies (uSpikiri, uMahoota, uDonald Duck,u Jakarumba, noMjokes), iB.O.P, TKZee (uTokollo Tshabalala, uKabelo Mabalane, noZwai Bala) iBongo Maffin (uStone Seate, uJah Seed, Speedy, benoThandiswa Mazwai) bonke amagalelo abo abumba ubuhlonzi bomculo nobesiko. IKwaito yayingenamfuneko yolwazi oluhleliwe lomchachiso womculo, isikhala zokuvitha, nezimsimbi zomculo ezibizayo, okwayenza kwabe lula ukuyifikelela kubantu basemanxulumeni ahlwempu.[7]
Izinkondolo
[hlela | Hlela umthombo]Umculo weKwaito uphawuleka ngesigqi sawo esisililizayo. Lomculo udume ngembodlongo yawo edidiyelwe namaculo anolwangu olusheshayo, nomvumo ohambisanayo. Izifanelo zesigubhu sekwaito zithonywe ngumculo we-house, kodwana zigunundwa ngendlela ejambalele. Lo mculo ngokuvamile uhlanganisa izinguxa zesigubhu nezigujana zamazuba. Ubuchule bokukhiqiza ikwaito buvame ukubandakanya ukusangula emculweni waseNingizimu Afrika womdabu, ihiphop ne-disco. Ithonya lomculo wesiZulu luphawuleka kakhulu, njengoba ikwaito ivame ukuxuba izigqi nezici zomculo wesiZulu womdabu. Izosha zekwaito zivame ukuhlatshelelwa ngendlela esangxoxo noma elandisayo. Izosha ziqhogoywa ngezilimi ezihlukene zaseNingizimu Afrika, ezifana nesiZulu, isiSuthu, nesiBhunu, futhi adingida izingqilithi ezifana nesithasiselo sezenhlalo bezombusazwe kuya ebungxwetino bomuntu siqu nezihloko zokujabula. Kwezinye izikhathi izosha zekwaito ziyahlambalaza, ziveza izindaba ezibucayi. Ngaphezu kwalokho, ukusetshenziswa kwesiTsotsi kwengeza ekunotheni kolimi lomculo.[8][9][10][11][12][13][14]
Abesifazane kukwaito
[hlela | Hlela umthombo]
Ekuqaleni komculo weKwaito bekuchachaza abesilisa, kungumculo wabo, kusuka kubaculi kuya kubaphathi.[15] Kodwa, babekhona abaculi besifazane abambalwa abakwazi ukuphumelela nabo. UBrenda Fassie, isihlabani somculo odumile eNingizimu Afrika, washesha wangena emgqeni wavula IKwaito esuka kububblegum kwishumiminyaka lowe1990. Ngokomagazine obizwa ccording to Time, wayedume ngesimo sakhe sengqondo sokuba umshoza nezinkiyankiya ezibandakanya ucansi nezidakamizwa, kuhlanganisa nezosha zakhe ezazithinta izindaba ezibucayi zempilo namaSiko waseAfrika.[16] ULebo Mathosa yena waduma ngenxa yeqembu ayekulo elibizwa Boom Shaka, Kodwa kamuva waphuma ibhodwe lakhe wazimela, ngenxa yokuba "ihlangandebe" ngenxa yezosha zakhe nokusina kwakhe okuqhakambisa ucansi, waba nesibunge esikhulu, futhi waqhooya nasemgubhweni wosuku lokuzalwa wama-85 kaNelson Mandela. ULebo Mathosa Waphinde waqhogoya nezihlabani zaseMelika ezifana noWill Smith, uMissy Elliott futhi waqopha iculo lababuli ekanye noKeith Sweat.[17] Umculi obizwa Iyaya, owayeseqenjini elibizwa Abashante, wayaziwa "ngokuqhakambisa imikhuba yezocansi ingcagca lapho esesimgangeni".[18] Amalunga eqembu labesifazane bodwa lekwaito elalibizwa Ghetto luv, ahlanganisa uGoddess, uVenus, uChocolate benoRasta Queen. Nabo besebenzisa ucansi emculweni wabo, beveza konke bukhoma; esithombeni secwecwe labo lokuqala elibizwa You Ain't Gonna Get None bathwetshulwa behambaze bonke.
Lapho umculo weKwaito usahluma, iqembu leBoom Shaka lavela njengezwi labesifazane abasebasha nanjengophawu lokubafukula. Lalisebenzisa ucansi nobulili njengendlela yokuziveza nokugubha ukuba Owesifazane onsundu onezinkanuko zocansi ezingokwemvelo. IBoom Shaka yayizibandakanya kwezobushoshovu bezombusazwe ngokumela amaphimbo wabesifazane ikakhulu lapho liqopha iculo Leziswe laseNingizimu Afrika elaligcizelela amakhono abesifazane nonthelela wabo ekuletheni izinguquko emphakathini. IKwaito yahlinzeka abesifazane nhlobo omusha lwenkundla yokuzikhulumela eNingizimu Afrika yangemva kobandlululo.[19] Isibhalwa esavela kuCNN sabheka iqembu leBoom Shaka kanye neleTKZee njenganetgonya elikhulu emculweni waseNingizimu Afrika.[20] Umculo weBoom Shaka waba nesibunge esikhulu hhayi kuphela eNingizimu Afrika Kodwa kulo lonke elaseAfrika. Umculo waleli qembu wawumelela izwi labantu abasha ababenganakiwe ohulumeni bangamve kobuqoneli.[21]
Iminxa emincane nezinhlobo
[hlela | Hlela umthombo]iKwaito yangomuso
[hlela | Hlela umthombo]IKwaito yangomuso, eyasungulwa nguStiffpap kwishumimnyaka lezi-2010, ixuba umculo wekwaito ongokweniambiso negqom, nomculo wedrone, nomculo wezimboni nomculo we-house.[22][23]
Umsindo weGuz
[hlela | Hlela umthombo]Umsindo weTKZee obizwa "guz" uyisibonelo sengxubano yehip-hop nezici zekwaito, futhi uphawula inguquko phakathi kwalomunxa. Wagcina isigqi sekwaito esiyingaikithi futhi yafaka izijobelelo sethonya lehiphop yemishumiminyaka lowe-1990 ngezosha zokuqhwakuza. Umsindo weGuz wabonisa indlela IKwaito eguquke ngayo ekuhambeni kwesikhathi, ngokudidiyrla izici lehiphop. Umsindo weGuz uphawuleka ngokuthandwa abantu abaningi kakhulu.<refStaff Reporter (2018-12-07). "Kwaito: Golden or new age?". The Mail & Guardian (in i-English). Archived from the original on 12 April 2020. Kulandwe ngomhlaka 2024-08-09.</ref>
IKwaito Yenkathi Entsha
[hlela | Hlela umthombo]IKwaito Yenkathi Entsha ivuba ihip hop nezangulo "zekwaito yamzukwana". Yavela ngowezi-2017 futhi yandiswa abaculi abanjengoKwesta, Riky Rick, Spoek Mathambo, Okmalumkoolkat, Cassper Nyovest noK.O.[24]
ISkhanda Rap
[hlela | Hlela umthombo]ISkhanda Rap sixuba izici ezingokwenkambiso zekwaito nokuqhwakuza. ISkhanda rap saqala ukubumbek maphakathi no2010, amaciko ahlanganisa uK.O, uMa-E, uMaggz, uKid X noMoozlie. Icwecwe elithi, Skhanda Republic, lakubeka sobala futhi lachasisa ubuhlonzi besiskhanda rap.[25][26]
Kwai-jazz
[hlela | Hlela umthombo]IKwai-jazz, iyikwaito edidiyelwe nezici zejazz eyasungulwa nguDon Laka ngowe- 1980.[2]
Indima nokubaluleka ngokwesiko
[hlela | Hlela umthombo]ULivermon ubhala uthi, "abaculi beKwaito bazibeka ngaphakathi futhi besesikhaleni sesidlavela becebisana nesimo eziyinkiya zempilo yangemva kobandlululo. Loluthungethunge lokucebisana, ukuthamunda nemvezo ephilwayo, lubhekana nobuphakuphaku bobuciko kulomchazahlanga..."[27] Ngalomchazahlang oqhogowayo, iKwaito izibeke esimweni sokubeka ngaphezu komunxa womculo; IKwaito iphendula izwi nombutho ophathekayo oveza inkululeko yabansundu eNingizimu Afrika ngemva kobandlululo. Kusiqophalando esithi Freedom Sounds , uThandiswa Mazwai udingida ngokungeniswa kabusha kwentsha yaseNingizimu Afrika kuzeitgeist yomphakathi neyokuqhogoya.[28] Lokhu kuduma kunenfuneko yokuthi abaqhogoyayo bakhabyise izici ezihlukene zokuba Umculi weKwaito, okubahlinzeka ngendlela yokufubda aban abansundu nokubajabulisayo ezilandisweni zamandla".[27] Ukuzazi ukuthi umuntu unamandla angakanani ngokuqhogoya kuba okuguqulayo. Isu lokuba oguqulayo aliveli ngoba ukusina kwekwaito kuveza umthelela wokunqoba umzabalazo wenhlalo-mbusazwe; kunalokho, lenkolelombono egoqulayo ivela elukhwebukeni okukhulula umculo onsundu, ukukhiqizwa kwaso, nokuqhogoywa kwawo ekushwayweni nokuba nomyalelo wezombusazwe kuphela, kunokuthokozela imigubho, izinjabulo nokunqoba.[27][28]
IKwaito iphinde isebenzise ngokucandululayo izindimi zomdabu, futhi yaba neqhaza elibalulekile ekubumbeni ubuhlonzi nesiko omusha eNingizimu Afrika. Lo munxa waba nonthelela omkhulu kwezengqephu nempilosilo yakuleli.[27][29][30][31][32][33][34]
Amaphatho
[hlela | Hlela umthombo]- ↑ Hlasane, Rangoato (18 May 2021). "State of emergency: The rise and the alchemy of the people's hit". Mail & Guardian. Archived from the original on 23 January 2024. Kulandwe ngomhlaka 5 February 2024.
- 1 2 Anonymous (2011-03-22). "Kwaito". South African History Online. Archived from the original on 6 September 2017. Kulandwe ngomhlaka 2017-11-15.
- ↑ "Kwaito woeker tog te lekker met Afrikaans". Netwerk24 (in i-English). Archived from the original on 15 November 2017. Kulandwe ngomhlaka 2017-11-15.
- ↑ "South African music after Apartheid: kwaito, the "party politic," and the appropriation of gold as a sign of success". Popular Music and Society. 28 (3). Archived from the original on 10 November 2007.
- ↑ Pennycook, Alastair; Makoni, Sinfree (2019). Innovations and Challenges in Applied Linguistics from the Global South (in i-English). Routledge. ISBN 978-0-429-95176-3.
- ↑ Steingo, Gavin (2008). "Historicizing Kwaito". University of Rhodes. International Library of African Music. 8 (2): 76–91. JSTOR 30250016. Archived from the original on 2 February 2024. Kulandwe ngomhlaka 14 December 2023. Unknown parameter
|url-status=ignored (help) - 1 2 Magubane, Zine. "Globalization and Gangster Rap: Hip-Hop in the Post-Apartheid City." In The Vinyl Ain't Final: Hip Hop and the Globalization of Black Popular Culture, ed. by Dipannita Basu and Sidney J. Lemelle, pp. 208–229. London; Ann Arbor, MI: Pluto Press.
- ↑ Mhlambi, Thokozani. "Kwaitofabulous: the Study of a South African urban genre." Journal of the Musical Arts in Africa, Volume 1, pp. 116–127. University of Cape Town. 2004
- ↑ Thokozani, Mhlambi. "Kwaitofabulous: the study of a South African urban genre". Journal of the Musical Arts in Africa, Volume 1 2004, pp. 116–127.
- ↑ Swink, Simone. Kwaito: Much more than Music. 7 January 2003.
- ↑ Robinson, Simon. "That's Kwaito Style." Time Magazine, 11 April 2004.
- ↑ "Kwaito: South Africa's hip-hop?". CNN. 9 June 1999. Archived from the original on 6 October 2007. Kulandwe ngomhlaka 29 February 2008.
- ↑ Swink, Simone. "Kwaito: Much More Than Music". South Africa. 7 January 2003. Archived 17 March 2010 at the Wayback Machine.
- ↑ Sanneh, Kelefa (2005-08-25). "Hip-Hop Hybrids That Scramble Traditions". The New York Times (in i-English). ISSN 0362-4331. Archived from the original on 17 February 2023. Kulandwe ngomhlaka 2023-02-17.
- ↑ Mhlambi, Thokozani. "Kwaitofabulous': The study of a South African urban genre." Journal of the Musical Arts in Africa, vol 1 (2004): 116–127.
- ↑ Philadelphia, Desa. "The Madonna of the Townships." Time. . Accessed 29 February 2008.
- ↑ "Remembering South Africa's 'wild child'" (in i-English). 2006-10-24. Kulandwe ngomhlaka 2024-08-10.
- ↑ Levin, Adam. "Girlz in the mood" Archived 24 May 2005 at the Wayback Machine.. Posted 30 July 1998. Accessed 29 February 2008.
- ↑ Magubane, Zine. "Globalization and Gangster Rap: Hip Hop in the Post-Apartheid City." In The Vinyl Ain't Final: Hip Hop and the Globalization of Black Popular Culture, ed. by Dipannita Basu and Sidney J. Lemelle, 208–229. London; Ann Arbor, MI: Pluto Press
- ↑ Wright, Steve. "Kwaito:South Africa's hip-hop?". Posted 9 June 1999. Accessed 29 February 2008.[dead link]
- ↑ "(R)evolution in 4/4: The contribution of South Africa's urban music to new meanings of freedom". The Mail & Guardian (in i-English). 2021-04-26. Archived from the original on 17 May 2021. Kulandwe ngomhlaka 2023-02-17.
- ↑ "A New Generation of South Africans Are Reviving 90s Genre Kwaito". 2020-11-01. Archived from the original on 1 November 2020. Kulandwe ngomhlaka 2024-08-09.
- ↑ "DJ Tira, Kid X, KO: The stars behind kwaito's revival". Red Bull (in i-English). 2019-01-03. Archived from the original on 2 May 2024. Kulandwe ngomhlaka 2024-08-09.
- ↑ Staff Reporter (2018-12-07). "Kwaito: Golden or new age?". The Mail & Guardian (in i-English). Archived from the original on 12 April 2020. Kulandwe ngomhlaka 2024-08-09.
- ↑ Moncho-Maripane, Kgomotso (2016-01-02). "K.O is still Skhanda, and still winning". City Press (in i-English). Archived from the original on 9 August 2024. Kulandwe ngomhlaka 2024-08-09.
- ↑ Ndlovu, Bruce (6 May 2017). "K.O rebuilds fallen empire".
- 1 2 3 4 Livermon, Xavier (2020). Kwaito Bodies: Remastering Space and Subjectivity in Post-Apartheid South Africa (in i-English). Duke University Press. ISBN 978-1-4780-0735-7.
- 1 2 Spotify (April 27, 2022). "Freedom Sounds: From Kwaito to AmaPiano". YouTube.
- ↑ "Kwaito Blows Up". Newsweek.com. 5 November 2000. Archived from the original on 12 February 2009. Kulandwe ngomhlaka 13 February 2017.
- ↑ Swink, Simone. Kwaito: Much More Than Music. 22 December 2005. 28 February 2008. "Kwaito: Much more than music - SouthAfrica.info". Archived from the original on 11 February 2009. Kulandwe ngomhlaka 2008-02-28..
- ↑ Robinson, Simon (11 April 2004). "That's Kwaito Style". Time. Archived from the original on 3 June 2007.
- ↑ "Kwaito Music: South Africa's Vibrant Cultural Heritage". Hipupmusic. 22 July 2023. Archived from the original on 23 July 2023. Kulandwe ngomhlaka 23 July 2023.
- ↑ Bradshaw, Melissa (2011-08-11). "How Kwaito became a global force". The Guardian (in i-English). ISSN 0261-3077. Archived from the original on 16 December 2023. Kulandwe ngomhlaka 2023-12-16.
- ↑ Steingo, Gavin (2016), "2. The Experience of the Outside", Kwaito's Promise, University of Chicago Press, pp. 27–56, doi:10.7208/chicago/9780226362687.003.0002, ISBN 978-0-226-36254-0, https://doi.org/10.7208/chicago/9780226362687.003.0002, retrieved 2023-12-16