Jump to content

LIYASA

Mayelana Wikipedia

Inhlangano YaseNingizimu Afrika Yokwaziswa Nomtapolwazi (noma iLIYASA) iyinhlangano yobungcwepheshi engenzi nzuzo emele izikhungo nabantu abasebenza emitapolwazi nasemazikweni okwaziswa eNingizimu Afrika. Njengendikimba yobungcwepheshi, i-LIYASA iqashelwa ngokusemthethweni Igunya Lezifaneko LaseNingizimu Afrika (iSAQA), futhi ukuqashelwa kwayo kuvuselelwe kuze kube nguMashi wezi-2030. Ubulungu kulenhlangano sebukhuphuke kakhulu njengoba sekunamalungu ayi-1590 ngowezi-2023. Amahhovisi kazwelonke alenhlangano asePitoli ekomkhulu Lomtapolwazi Kazwelonke WaseNingizimu Afrika.

Izinhlangano zangaphambili

[hlela | Hlela umthombo]

Ngaphambi kowe-1997, umkhakha wezinkonzo zokwaziswa nomtapolwazi (LIS) eNingizimu Afrika wawumvingivingi.[1] Izinhlangano ezimbili ezinkulu kwakuyi-South African Institute for Librarianship and Information Science (SAILIS) kanye ne-African Library Association of South Africa (ALASA). I-SAILIS yasungulwa ngowe-1979 njengenhlangano yezingcwepheshi ezineziqu futhi idinga iziqu ezisemthethweni zobulungu, kuyilapho ezinye izinhlangano ezifana ne-Library and Information Workers' Organization (LIWO), eyasungulwa ngoJulayi we-1990, zadalelwa ukuphikisana nalokho ezazikubheka njengemibandela yobulungu enobucukuthwane.

Inqubo yokwenza ubumbano yaqala ngoJanuwari we-1995 ngesikhathi seNgqungquthela Yemitapolwazi kanye Nezinkonzoo Zokwaziswa Ekuthuthukiseni iNingizimu Afrika (i-LISDESA), okwaholela ekukhethweni kweKomidi Lokuqondisa Ubumbano Lababambiqhaza Bomtapolwazi Nokwaziswa (ULIS).[2] Ingqungquthela yokuqala ye-ULIS (ULIS-1) yabanjelwa eGoli kusukela mhla ziyisiphohlongo kuya zili-10 kuJulayi w-1996, lapho khona iPhini likaMengameli uThabo Mbeki agqugquzela izethameli ezingaphezu kwama-250 ukuba zibumbane.

Ukwakhiwa kweLIYASA

[hlela | Hlela umthombo]

IKomidi Lesikhashane lakhethwa futhi lathunywa ukuba lixhokove umthethosisekelo. Leli Komidi lahlela ukuba ingqungquthal yokumisa inhlangano (ULS-2) eNyuvesi yasePitoli, lisekwa Amaqembu Oxhaso Ezifundazwe zonke ezilithoba. Ingqungquthela yabanjwa ngoJulayi we-1997, kunezithameli ezingama-450 zabasebenza emkhakheni womtapolwazi nasemazikweni wokwaziswa. Lo ngqungquthela yayihlozinge ukuzodingida nokugunyaza ixhokoviyane lomthethosisekelo. Ngemiuva kokuthi izihambeli zidingidile futhi zenza iziphakamiso zezichibiyelo, ixhokoviyane lokugcina lamukelwa ngo elethu, igame elaqonywa lathi Inhlangano YaseNingizimu Afrika Yokwaziswa Nomtapolwazi. Leli gama ngisingisi uma kuhlanganiswa izinhlamvu eziqalayo lithi LIYASA ngesizulu. Kwakhethwa neKomidi Elimqoka Lezinguquko ukuze liphathe inhlangano entsha futhi lihlele Ingqungquthela yokuqala yonyaka ngoNovember we-1998.

Uhlaka nohlelo lokubusa

[hlela | Hlela umthombo]

Ngowezi-2024, iLIYASA yagununda unongo olusha lohlelo lokubusa, esikhundleni Somkhandlu Wamalungu NeKomidi Elimqoka kwafakwa uhlelo lweBhodi ngemuva kokwenziwa kwezichibiyelo zomthethosisekelo

Ngaphambi kwalezi zinguquko, le nhlangano yayibuswa uMkhandlu Wamalungu neKomidi Elimqoka. Umkhandlu Wamalungu wawuhlanganisa izikhulu ezinhlanu ezikhethiwe (uMengameli, uMengameli-olandelayo, uNobhala, uMgcinimafa kanye nezikhulu sezobudlelwane nomphakathi), amagatsha, osihlalo bamaqembu anentshiseko, kanye nabahleli bezishicilelwa.

Imithombo

[hlela | Hlela umthombo]
  1. https://www.liasa.org.za/general/custom.asp?page=2025salw
  2. https://en.wikipedia.org/wiki/Library_and_Information_Association_of_South_Africa