Jump to content

Luyanda Zwane

Kubuya ku Wikipedia

U-Luyanda Zwane owazalwa ngo Nhlolanja mhla ziyisikhombisa( 7), onyakeni ka 2004 ungumlingisi waseNingizimu Afrika, umgqugquzeli futhi wenza ezika nobuhle phcelezi uya modela.[1] Waziwa kakhulu ngendawo ayilingisayo kuMzansi Wethu telenovela Sibongile & The Dlaminis njengoSibongile Mbambo kanye nochungechunge lwedrama ethi Shaka Ilembe ethi Vundlazi.[2]

Ekukhuleni kwakhe

[hlela | Hlela umthombo]

UZwane wazalwa mhla ziyisikhombisa(7 )kuNhlolanja onyakeni ka 2004, eThekwini, KwaZulu Natal, eNingizimu Afrika.[3] Unodadewabo oyiwele, uLusanda Zwane.[4] Ufunde eKingsway High School, lapho aphumelela khona kakhulu kumdlalo weshashalazi futhi waphothula umatikuletsheni ngo-distinction abahlanu. Nakuba engazange aqhubeke nemfundo ephakeme ngenxa yesicelo soxhaso lwe mali esingaphumelelanga.[5]

Umsebenzi

[hlela | Hlela umthombo]

UZwane wabonakala okokuqala kumabonakude ngonyaka ka 2022, edlala umlingisi okwakuthiwa uLele ochungechungeni lwe-e.tv i-Durban Gen. Ngonyaka ka 2023, wadlala umlingisi okwakuthiwa uNomonde Gumede ochungechungeni lwe -BET Africa telenovela Redemption.[6] Uphinde wabonakala ochungechungeni lwe-Showmax i-Outlaws njengoPhumzile kanye nasefilimini emfushane ye-Netflix i-Miseducation njengo-Aphiwe Ndima.[7][8]

Ngonyaka ka 2024, udlale indawo yokuba umlingisi osemqoka kaSibongile Mbambo kwiSibongile & The Dlaminis nasemdlalweni owuchungechunge kuMzansi Magic uShaka Ilembe edlala indawo kaVundlazi. [9] Ngalowo nyaka, washiya uSibongile & The Dlaminis.[10]

Imithombo yolwazi

[hlela | Hlela umthombo]
  1. https://www.news24.com/truelove/exclusive/rising-star-luyanda-zwane-on-making-her-acting-dreams-a-reality-rejection-is-definitely-redirection-20230712
  2. https://www.dstv.com/mzansimagic/en-za/video/luyanda-zwane-as-sibongile-mbambo-sibongile-and-the-dlaminis
  3. https://iol.co.za/entertainment/tv/local/2023-09-16-luyanda-zwane-is-the-one-to-watch-as-she-continues-to-clinch-roles/
  4. https://iol.co.za/entertainment/tv/local/2023-09-16-luyanda-zwane-is-the-one-to-watch-as-she-continues-to-clinch-roles/
  5. https://youthvillage.co.za/2024/11/10-interesting-facts-about-talented-actress-luyanda-zwane/
  6. https://www.snl24.com/dailysun/celebs/luyanda-zwane-plays-pearl-modiadies-daughter-on-redemption-20230424
  7. https://www.thesouthafrican.com/lifestyle/celeb-news/breaking-actress-luyanda-zwane-shaka-ilembe-showmax-outlaws-miseducation-netflix-14-september-2023/
  8. https://www.entertainmentsa.co.za/2023/09/luyanda-zwane-lands-roles-in-outlaws-and-miseducation/[dead link]
  9. https://www.thesouthafrican.com/lifestyle/celeb-news/breaking-shaka-girlfriend-luyanda-zwane-shaka-ilembe-vundlazi-sibongile-dlaminis-2-september-2023/
  10. https://iol.co.za/entertainment/tv/2024-05-23-luyanda-zwane-is-leaving-sibongile-the-dlaminis/