Manguzi
Ulwazi ngeManguzi
[hlela | Hlela umthombo]
IManguzi itholakala enyakatho nekwaZulu-Natali eNingizimu Africa.[1]Itholakala ngaphansi kwamasipala uMhlabuyalingana yakhelene nomncele wase Mozambikhi [2]. Inomhlaba onothile, abantu bakhona baziphilisa ngokutshala noma ukulima.Sithola izithelo ezingajwayelekile kwezinye izindawo ezifana nezinkuhlu, amahlala kanye namaganu. Ngenyanga kaNhlolanja sithola bebungaza umkhosi womaganu uMthiya Marula Festival.[3]Ngomkhosi wamaganu sithola abantu baseManguzi nabasezindaweni ezakhelene nayo bebungaza lomkhosi ngokuthi becule bedanse bephinde bephuze utshwala bamaganu.EManguzi sithola izindawo zokuncebeleka ezihehayo ziletha abavakashi sibala kuzo iKosi Bay ,Hippo Lodge kanye neNdumo Game Reserve.Kunemvelo enhle enolwandle ezindaweni ezahlukene sithola iBhanga Nek kanye neKosi Mouth.Ikosi Bay inendawo yokudoba lapho abadobi besebenzisa izicupho ezehlukile kunalezi ezijwayelekile njengokusebenzisa udobo.
Usiko lwaseManguzi
[hlela | Hlela umthombo]Emanguzi sithola amathonga aziwa ngomdanso wabo abajwayele ukuwudansa umabejabulile noma kunemcimbi,lomdanso ubizwa ngeKhanimamba.Abantu bakhona banamakhono ahlukahlukene ezandla bakwazi ukwakha ukubaza izinqoko, imfanekiso yabantu kanye neyezilwane.Baphinde benze ubuhlalu bokuhloba nobokuhlobisa ezindlini.Kunesishebo samakinati esehla esiphundu bajwayele ukuxuba inyama yenkuku namakinati baphinde bewafake kwisitambu mabethanda angeke usinike esingaboni lapho.Okunye ukudla abakwenzayo izinkuhlu.Uma uzenza uxuba izinkuhlu nobhatata uzibeke endaweni ebandawo.