Mbatha

Igama elithi Mbatha liyisibongo sabantu abatholakala e-Afrika eseNingizimu, ezindaweni ezifana neKwaZulu Natal, eMpumalanga, eGoli eNingizimu Afrika. Leli gama liyisenzo esisho ukwemboza, ukugubezela noma ukwembeza. Lihlobene negama isembatho elisho izingubo zokugqokwa. Abantu bakwaMbatha ababizwa ngokuthi amambatha, bazalwa nguMageba kaGumede.
uMlando
[hlela | Hlela umthombo]Umlando uthi ngenkathi kukhothama uPhunga kaGumede (owayeyiWele likaMageba), uMageba washiya umuzi wakhe eNhlazatshe ukuze avuse umuzi kayise kwaZulu ngoba uPhunga waye ngenayo indodana nxa ekhothama. Isihlalo sobukhosi bakwaZulu sathathwa nguMageba. Mhla eshiya umuzi wakhe oseNhlazatshe uMageba, washiya indodana yakhe uMpangazitha ukuba isale ivusa lomuzi. Kwadlula iminyakana-nje, wabizwa uMpangazitha ukuba agoduke ayovusa umuzi kaNtombela owaye ngukhokho wakhe. Wahamba uMpangazitha washiya lomuzi oseNhlazatshe nendodana yakhe uSontshikazi (uzokhumbula ukuthi lomuzi okaMageba, wadluliselwa kuMpangazitha naye wawushiya kuSontshikazi).uSontshikazi wayenomkhuba woku(mbatha) isikhumba senyathi emahlombe akhe, kanti abalandeli bakhe bona babe(mbatha) esenkomo isikhumba esishukiwe. Abantu ababekade bakhelene nabo bawubona lomkhuba, base beqala bethi "kwaSontshikazi emambatheni". Wonke umuntu owayehlana kulomuzi wayesezibiza ngokuthi ungowasemaMbatheni. Ngoba nendodana kaSontshikazi, uNdaba, wayebizwa ngowakwaMbatha namadodana akhe uMbeje kaNdaba, Dladla kaNdaba noShandu kaNdaba babe bizwa ngoMbatha.
Izithakazelo
[hlela | Hlela umthombo]Sontshikazi, Shandu ka Ndaba