Mgqumeni
UKhulekani Kwakhe Khumalo (03 kuMasingana 1981 - 19 KuZibandlela 2009) ngumculi kaMaskandi. Wasungula izitayela zikaMaskandi ezidlalwa namuhla. UKhulekani Khumalo yinkosi kaMaskandi Okuthi noma esadlula eminyakeni eminingi emhlabeni kodwa akekho osafike ezingeni lakhe ngokucula.
Umlando
[hlela | Hlela umthombo]UKhulekani Kwakhe Khumalo wazalelwa endaweni yaseNquthu. Yilapho aqala khona isikole waze wophuthula umatikuletsheni[1][2]. Kuthe ngonyaka we-1997 wakhuphuka weza eGoli. EGoli wangena eqenjini likamalume wakhe uMahawukela[3][4]. Kuleli qembu waqala walekelela ngokugida, ukucula kanye nokuqamba izingoma. Esebenza nomalume wakhe bakhipha uBuhle begubazi, Amatshitshi Amhlophe, uMahawukela kanye naBafana Baka Mahawukela.[5][6]
Ngemuva kokushona kukaMahawukela wabe esesebenza nomzala wakhe uMuhle Khuzwayo. Bakhipha amaqembu Ubuhle begubazi kanye nabafana bakaMahawukela. Wasebenza iminyaka engeminingi nabafowabo wabe esephuma ezimela[7]. Lapho esezimele waqala la maqembu, "Abakwethu" , "Amagcokama", "Umgqumeni", "Umlamu wami", "Amagugu" , "UQondani Mthethwa", "Imizwilili" , "Amalanda Amhlophe" , "Idlamanzi", "Ogezoo", kanye ne"Izinsimbi".[8]
Umsebenzi
[hlela | Hlela umthombo]| Iqembu | Amacwecwe |
|---|---|
| UMgqumeni | 1. Easy Come Easy Go
2. Tomorrow Morning 3. iAdore 4. i Jukebox 5. i'Magic 6. I-SMS 7. Autography 8. I-SECRET |
| Amagcokama | 1. Iyothi bhuxe
2. Sawubona 3. Igama Lami 4. Sebedlile 5. Emagqumeni 6. Asibesabi 7. Wathula Nje |
| Idlamanzi | 1. Akuvumi
2. Phaphamani 3. Empofane |
| Abakwethu | 1. Isinamumva
2. Amadolo Phansi 3. AmaFong Kong 4. Niyakhonkotha Zinja 5. Ize 6. Umfula Ongashi |
| Abafana Baka Mahawukela | 1. Sebephelele
2. Ungubani wena |
| Ubuhle Begubazi | 1. Ngiyozilalela Ngedwa
2. Ngeke sinikhohlwe 3. Amalombo |
| Izinsimbi | 1. Ibhanoyi
2. UseGoli |
| Ithwasa Lami | 1. Uzovuma
2. Ithini Elingenalutho 3. Bathini Labo 4. Lonakele Izwe |
| Ogezoo | 1. Nishutha ngamafoni
2. Uyatatazela |
| Umlamu Wami | 1. Nanti’hubo lami
2. Usumbulele uzotholani |
| Amaduma Amahle | Angikanawo |
| UQondani Mthethwa | Ubulelelsi |
| Amalanda Amhlophe | Hamba noJesu |
Impikiswano
[hlela | Hlela umthombo]UKhulekani Khumalo waba nembangi emculweni. Lowo kwakunguMtshengiseni Gcwensa.[9][10] UKhulekani wabe eqonywe ngudadewabo kaMtshengiseni uVimbephi[11]. Lokhu kwenza ukuba laba bobabili bazane. Lapho uMtshengiseni esehlala eGoli uKhulekani wambiza basebenza bonke[12][13]. Basebenza bonke emaqenjini kamgqumeni kanye namagcokama. Abasebenza noMgqumeni bathi uMtshengiseni waphula umthetho ngokuthandana nentombazane ababesebenza nayo.[14][15] UMtshengiseni yena uthi baxatshaniswa yimali. Uthi akakhokhelekanga ngokugculisayo.[16]
Lo mbango ngomunye wemibango eyaba kumculo kaMaskandi. Kwadaleka uqhekeko kubalandeli[17]. Lapho behlangana balwa emicimbini. Lokhu kwakwenza igama lo mcimbi ligcole. Umcimbi wasoLundi ngeminye yemicimbi abalwa kuyo.[14][15] Kulo mcimbi Amageza Amahle adlula ngaphambi kwesiteji iqembu likaMgqumeni lidlala. Lokhu kwadala ukuthi umcimbi uphazamiseke.[14][15] Kwaqubuka umsindo owabangela ukuthi laba baculi begcine belwa.
UKhulekani kanye nabaphathi bakhe (Inkampani yeZingane Zoma) basola isandla semfene[18]. Lokhu kwakudalwa ukungahambi kahle komculo kaKhulekani emakathe. Lokhu bakubona ngokuthi kukhona abantu abanqinda amandla kaKhulekani[19]. Ukungaqokwa emincitiswanweni wezindondo nakho kwanenezela kulezi zimpi ezase zivele zikhona[20].
Umsakazo uKhozi FM waqoma ukuwuvala umculo wala maciko[21]. Lokhu babekwenza ngenhloso yokunqanda ukubhebhetheka kodlame. Yize lokhu kwadala enkulu impikiswano emphakathini kwabenza bahlala phansi laba baculi. UNgizwe Mchunu owayengumsakazi kulo msakazo kwenye yezigxoxo aba nazo wavuma ukuthi uKhulekani wayecindezelwa emsakazweni[22].
Ukuvuka kwakhe
[hlela | Hlela umthombo]Ngonyaka we-2012 kwaduma udaba oluthi uvikile. Lokhu kwakwenziwa isigebengu okwabe sekuvela ukuthi igama laso nguSibusiso Gcabashe saqamba amanga sathi singuMgqumeni.[23] Lapho ephenywa wathi ubethwetshuliwe. Lokhu kwabe sekuvela ukuthi kungamampunge. Abalandeli batheleka eNquthu ukuzozibonela lo muntu okwakuthiwa uvukile[24]. Kwatholakala ukuthi uqamba amanga uGcabashe wabe eseboshwa.[25]
Amagugu
[hlela | Hlela umthombo]UKhulekani ukhunjulwa ngoMaskandi njengomnikazi wesitayela. Waqeqesha amaciko kamaskandi okubalwa kuwo uMjikijelwa, UJaiva Zimnike, uNgigakamahlalela, uDlubheke, uMfana wepiki, uKhangelani, kanye nabanye. Wasebenza noShwi, uMfiliseni Magubane, uBhekumuzi Luthuli, kanye noShobeni Khuzwayo. Abaculi abasha abalandela ezinyathelweni zakhe kungabalwa uKhuzani, uMthandeni, uMuntuyenziwa, kanye noMdumazi. Icwecwe le-Jukebox ladayisa amacwecwe amaningi. Inkampani iRisa yalihlomulisa ngegolide. Wahlabana ngendondo ye-Best Maskandi kumcimbi wama-SATMA.[26] Umasipala waseNquthu (Mqumeni Memorial Festival) uhlela imicimbi njalo ngonyaka ukukhumbula uKhulekani kanye namagalelo wakhe.[27]
Imithombo Yolwazi
[hlela | Hlela umthombo]- ↑ witness.co.za https://witness.co.za/archive/2009/12/21/obituary-popular-maskandi-singer-khulekani-mseleku-20150430/. Kulandwe ngomhlaka 2025-07-09. Missing or empty
|title=(help) - ↑ Bekezela Ncube (2022-07-21). uMgqumeni ft IDlamanzi Akuvumi DVD Interview (2006). Kulandwe ngomhlaka 2025-07-09 – via YouTube.
- ↑ Bekezela Ncube (2022-07-21). uMgqumeni ft IDlamanzi Akuvumi DVD Interview (2006). Kulandwe ngomhlaka 2025-07-09 – via YouTube.
- ↑ MENZI BUTHELEZI (2013-10-01). OSaziwayoo no Thisha wabo umfana iDlamanzi. Kulandwe ngomhlaka 2025-07-09 – via YouTube.

- ↑ PERFECT TV SA (2022-10-08). SONAKALI ZONDI] IBHOVA NENDIDANE BELWA,UKUHAMBA KWA MJIKJELWA,AMA AK47... Kulandwe ngomhlaka 2025-07-09 – via YouTube.
- ↑ PERFECT TV SA (2022-12-30). Sonakali Part2-uMgqumeni babefuna kumbulala, Izingane zeBhova,ukushona nokugula kwa Mgqumeni etc. Kulandwe ngomhlaka 2025-07-09 – via YouTube.
- ↑ UQhoshangokwenzakwakhe (2020-06-18). INDIDANE ICHAZA NGOMLANDO WAYO NEBHOVA -ikhuluma no QHOSHA. Kulandwe ngomhlaka 2025-07-09 – via YouTube.

- 1 2 3 PERFECT TV SA (2022-10-08). SONAKALI ZONDI] IBHOVA NENDIDANE BELWA,UKUHAMBA KWA MJIKJELWA,AMA AK47... Kulandwe ngomhlaka 2025-07-09 – via YouTube.
- 1 2 3 PERFECT TV SA (2022-12-30). Sonakali Part2-uMgqumeni babefuna kumbulala, Izingane zeBhova,ukushona nokugula kwa Mgqumeni etc. Kulandwe ngomhlaka 2025-07-09 – via YouTube.
- ↑ UQhoshangokwenzakwakhe (2020-06-18). INDIDANE ICHAZA NGOMLANDO WAYO NEBHOVA -ikhuluma no QHOSHA. Kulandwe ngomhlaka 2025-07-09 – via YouTube.
- ↑ UQhoshangokwenzakwakhe (2020-06-18). INDIDANE ICHAZA NGOMLANDO WAYO NEBHOVA -ikhuluma no QHOSHA. Kulandwe ngomhlaka 2025-07-09 – via YouTube.
- ↑ Real TV1 (2022-05-26). Shobeni Khuzwayo - Ukhuzani, Umgqumeni, Ukhozi FM, Abahleli Bemicimbi-[SgeqaMagula-Ep,30,S2]. Kulandwe ngomhlaka 2025-07-09 – via YouTube.

- ↑ Real TV1 (2022-08-04). Ngizwe Mchunu - uBhodloza, uTshatha, ukhuzani, iBhova, uKhozini FM, Dr 3 Seconds, Quality Biyela. Kulandwe ngomhlaka 2025-07-09 – via YouTube.
- ↑ Real TV1 (2022-08-04). Ngizwe Mchunu - uBhodloza, uTshatha, ukhuzani, iBhova, uKhozini FM, Dr 3 Seconds, Quality Biyela. Kulandwe ngomhlaka 2025-07-09 – via YouTube.
- ↑ "Musician rises from the dead". News24 (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2025-07-09.
- ↑ "Musician rises from the dead". News24 (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2025-07-09.
- ↑ "Musician rises from the dead". News24 (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2025-07-09.
- ↑ Langa, By Jabulani. "MASKANDI FANS TO HONOUR MGQUMENI!". Daily Sun (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2025-07-09.
- ↑ Langa, By Jabulani. "MASKANDI FANS TO HONOUR MGQUMENI!". Daily Sun (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2025-07-09.