Jump to content

Mthethwa

Kubuya ku Wikipedia
Elithi Mthethwa Nyambose ngesibheqe sohlamvu

Isibongo sakwaMthethwa singesinye sezindala nezinkulu emlandweni wezizwe esezibizwa ngoZulu namuhla. Ukukhula kwaso kube sesicongweni kakhulu ngesikhathi isizwe sakwaMthethwa sesibuswa yiNkosi uDingiswayo kaJobe.

Isithakazelo esigqamile salesi sibongo uNyambose, okuthiwa kususelwa komunye wezinzalabantu zakhona.

Imvelaphi

[hlela | Hlela umthombo]

Ngokwezigaba zabeNguni oMthethwa kuthiwa bangamaLala. Abantu baleso sibongo babe behlala ezindaweni ezigudle ulwandle enyakatho-mpumalanga yezwe eseliyisifundazwe saKwaZulu-Natali. Emandulo uma bekhuluma abaThethwa babeyeyeza kungakho kuthiwa bangamaLala. Nendawo ababetholakala kuyo yindawo owakwakhe kuzo izizwe zamaLala.

Ukuba ngamaLala kwabaThethwa kufakazelwa yizibongo zeNkosi uDingiswayo lapho zithi "uSombangeya kaNdaba" esikhundleni sokuthi uSombangela kaNdaba.

Omunye umlando uyamanisa isizwe sabaThethwa kanye namaThonga ngokwemvelaphi, lokhu kubangwa ubudlelwano obungapheli obabulokhu bukhona phakathi kwezizwe zamaThonga kanye nabo abaThethwa. Kanti futhi nangokomlando bukhona ukuhlobana okukhona ngokolimi phakathi kamaLala namaThonga.

Izithakazelo

[hlela | Hlela umthombo]

Mthethwa
Nyambose