I-NASA

iNASA (ngokomthetho ngesiNgisi: National Aeronautics and Space Administration, isiPhathihlelo soMngcikisho wezokuPhapha nezoMkhathi) siwuphiko oluzimele lukahulumeni kazwelonke waseMelika ogunyazwe ukuphatha uhlelo lomphakathi locwaningo mayelana umchazamkhathi kanye nomngcikisho wezokuphapha. Isungulwe ngo-1958 enkathini Yempi Yoshashaphansi njengenxenye yeqhinga leMelika ukuphumelela emqhudelwaneni noBumbano wamaSoviyethi ngokwezomkhathi. Ihole iningi lemikhankaso nemihlelo okuya nokuhlonga umkhathi eMelika: Isigculo Sasemkhathini Samazwe lapho abosomkhathi becwaningo ezomkathi khona, izinhlelo zikaGemini noMercury okundizisa abantu emkhathini, uhlelo ka-Apollo owabeka abantu enyangeni, uhlelo ka-Artemis ohlose ukubuyela enyangeni, kanye neminye.
Nakuba uBumbano wamaSoviyethi uhlule iMelika emqhudelwaneni wasemkhathini ekhulwini lama-20 (isib., ukuciba izulane ebunjiwe yokuqala kaSputnik, isiqhanjwa sokuqala ukuphuma esizungezweni soMhlaba iLuna 1, ukundiza kokuqala komuntu emkhathini, ukuhamba ngaphandle omkhathini komuntu njl njl), iMelika yayineqhaza elinkulu ekuthuthisweni kwocwaningo lwezomkhathi kangangokuthi namuhla iNASA isesiqongweni sentuthuko yomchazamkhathi: ukucijwa kwezihlongamkhathi sikaJames Webb, kaEdwin Hubble, kaVoyager kanye nezizulazula zikaNotshezi nezeNyanga. Nakuba iMelika isaqhudelana neRashiya ngezombangazwe zomhlaba, iNASA isebenzisana nophiko lwezomkhathi waseRashiya iRoscosmos, kanye namanye amazwe njengoPhiko wezoMkhathi waseYurophu.