Napoleon
uNapoleon wokuQala wayiSilo saseFulansi. Uzalwe eCorsica (isiZulu: eKhosika) ngomhlaka-15 kaNcwaba ngo-1769 ngegama lika Napoleone Buonaparte, waliguqukula makafudukela eFulansi ku Napoleon Bonaparte. Ukhotheme ngezi-5 zikaNhlaba ngo-1821 esiqhingini sika-Saint Helena lapho wadingiswa khona ngasemuva sokumenulwa nokususwa esikhundleni ngenxa yomfelondawonye wamaNgisi nezinye izizwe eYurophu eMpini yaseWaterloo ngo-1815. Isizukulu sakhe, uNapoleon wesiThathu, wabuyisa umuzi kaBonaparte ebukhosini eFulansi kusekela unyaka ka1848. Kusukela u-1799 kufika ku-1804 wayenumHoli wokuQala emkhandlwini wabaHoli beRiphabhuliki yaseFulansi yokuQala. Umenule ihulumeni yeRiphabhuliki yaseFulansi ukuze ayiguqule kube uMbuso waseFulansi futhi waziqoka iSilo samaFulentshi ngo-1804. Kusukela u-1805 kufika ku-1814, wayeyiNkosi yase iTaliya. Kusukela u-1806 kufika ku-1813 wayenguMvikeli weMfelondawonye yaseMfula Rhine.
Ekufudukweni kwakhe eFulansi ngo-1779, wayeyijoni lamaButho wobuKhosi waseFulansi ngo-1785. Wasingatha uMzabalazo wabaFulentshi wokumenula iNkosi uLouis wesiShumi nesiNe ngo-1789 wandonsa phambili ekulikhuliseni ekhayeni lakhe eKhosika. Ukhuphuke ngokushesha ezinhlwini zamabutho ngemuva kokuphumelela ukuvimbezela idolobha iToulon ngo-1793 nokunqoba abashokobezi basebukhosini eParis ngomhlaka-5 kaMfumfu ngo-1795 (ngohlelo lweminyaka wabaZabalazi baseFulansi: umhlaka 13 ka-Vendémiaire). Ngo-1796, iLembe uNapoleon wasebenza ngokushesha ngokuyala umkhankaso wezempi ngokumelene noMbuso wamaHabsburg waseOstriya kanye nabalingani babo baseTaliya eMpini yoMbumbano wokuQala, lapho wathola ukunqoba okubalulekile. Impela, abantu baseFulansi bambona njengeqhawe ngenxa yalokho. iNkuphuko yakhe ezingeni eliphezulu lweRiphabhuliki yaseFulansi laqinisekisiwa ngenxa yokuphumelela kwakhe ekunqobeni kweGibhithe neSyria ngo-1789. Leyonhlaselo ivuse isimemezo sabafundi bakhe ukuthi athathe izibhopa zombuso eFulansi. NgoLwezi ku-1799, uNapoleon wasusa ukumenulwa kwokuphatha kweDirectory yaseFulansi, ngakho waba ngumHoli wokuQala woMkhandlu wabaHoli waseFulansi (ngesiFulansi: Premier consule de France). Ngokuphumelela kwakhe eMpini yaseMarengo (idolobha laseTaliya) wayeqinisekisa ukunqoba kweFulansi eMpini yoMbumbano wesiBili ngo-1800. Ngo-1803 wadayisela iMelika ikoloni yaseLouisiana. NgoZibandlela woyaka olandelayo, wazibeka iSilo samaFulentshi.
Ukuwohloka kweSivumelwano Sase-Amiens kwaholela eMpini Yobumbano Lwesithathu ngo-1805. UNapoleon wahlakaza umfelandawonye ngokunqoba okuwujuqu eMpini yase-Austerlitz, okwaholela ekuhlakazweni koMbuso Ongcwele WaseRoma . Sezinyanyile okokugcina iziNkosi zaseYurophu, zahlangisa uMbumbano wesiNe ukuzama ukumehlula uNapoleon. Ngendumazeko yabo, uNapoleon wayihlula iPrashiya izama ngeze ukumhlasela eMpini yaseJena-Auerstadt ngo-1806. Ngokuhlula iPrashiya, kwalandela iRashiya ebubhaqabulweni ngo-1807 eMpini Friedland - uNapoleon wayithi gi phansi iRasiya. Efuna ukunweba isivimbelo sakhe sezohwebo ngokumelene neBrithani, uNapoleon wahlasela iNhlonhlo Yase-Iberia futhi wafaka umfowabo uJoseph njengeNkosi yaseSpaniya ngo-1808, evusa iMpi yeNhlonhlo. Ngokungafundi ngokubona, uNapoleon wayiphinde iOstriya wayigila phansi izama ukumelana naye ngokuhlongoza uMbumbano wesiHlanu ukuzama ngeze ukuHlasela iFulansi ngo-1809. Ekuphumeleleni kwakhe eMpini yaseWagram wayihlula imponselo yenselelo yama-Ostriya kangangokuthi aqinise amandla akhe phezu. Ama-Ostriya bezi khotha izilonda abanikeze zona. Sekezithembile aziphakamisa kakhulu, lamshaya indiva iRashiya iNapoleon, sekathi uyalihlesa ngo-1812. Athi ahleli amajoni akhe eMoscow, isiqongo saseRashiya, ubsika nempindiselo yamaRashiya yazaphezu kwamakhanda abo njengozamcolo, babaxosha ezweni labo - amabutho akaNapoleon libaleka umsila usemilenzi.