Jump to content

Nolitha Fakude

Mayelana Wikipedia
Nolitha Fakude

UNolitha Fakude ungumholi wezebhizinisi waseNingizimu Afrika, owaziwa kakhulu ngomsebenzi wakhe wokuguqula izinkampani, ukuthuthukisa abesifazane, kanye nokuphakamisa izindawo ezibandlululiwe. Ukephule izikhundla eziphezulu ezinkampanini ezifana ne-Anglo American, Sasol, kanye ne-Black Management Forum (BMF).[1]

Ngempilo yakhe nemfundo

[hlela | Hlela umthombo]

UNolitha wazalelwa eCenyu, eduze noStutterheim, e-Eastern Cape. Uqale umsebenzi wakhe njengomfundi wezohwebo kwa-Woolworths. Uthole iziqu ze-Bachelor of Arts (Honours) ku-Psychology eNyuvesi yaseFort Hare futhi waqeda uhlelo lwe-Senior Executive Programme e-Harvard Business School.[2]

Izinkampani asebenze kuzo:

[hlela | Hlela umthombo]
  • Sasol Limited: Executive Director futhi Executive Vice President ye-Strategy and Sustainability kuze kube ngu-2016. Waba noMongameli we-Sasol Mining kusukela ngo-2010 kuya ku-2016.[3]
  • Anglo American South Africa: Chairman ye-Management Board kusukela ngo-2019 futhi Non-Executive Director ye-Anglo American Platinum.[4]
  • Black Management Forum (BMF): Managing Director kusukela ngo-2000 kuya ku-2003, futhi Mongameli kusukela ngo-2003 kuya ku-2006.[5]
  • International Women's Forum South Africa (IWFSA): Mongameli kanye ne-Vice President.[6]
  • Guild Cottage: Patron wekhaya lezingane

Ukuhlonishwa nezindondo

[hlela | Hlela umthombo]

UNolitha uthole izindondo eziningi ngenxa yomsebenzi wakhe:

  • Brigadier Stokes Memorial Award (2023): Inhloko emkhakheni we-mining ne-metallurgy eNingizimu Afrika.
  • Financial Mail's Most Influential Businesswoman (2004).
  • Impala Platinum Young Entrepreneur Award.
  • National Honour by the Golden Key Society of the University of Johannesburg.

UNolitha wabuye wabhala incwadi ethi Boardroom Dancing – Transformation Stories from a Corporate Activist, echaza izindlela zokuguqula izinkampani ukuze zibe nezindawo ezivulekile kubo bonke abantu.

Umthombo

[hlela | Hlela umthombo]
  1. https://www.panmacmillan.co.za/authors/nolitha-fakude/116468
  2. https://www.iwfsa.co.za/members/nolitha-fakude/
  3. https://www.saimm.co.za/news/1035-nolitha-fakude-chairman-of-anglo-american-honoured-with-the-brigadier-stokes-award-by-saimm
  4. https://thepost.co.za/business/jobs/2021-05-27-history-embraces-fakude-as-first-woman-in-131-years-to-head-the-family-jewels/#google_vignette
  5. https://www.saimm.co.za/news/1035-nolitha-fakude-chairman-of-anglo-american-honoured-with-the-brigadier-stokes-award-by-saimm?utm_source
  6. https://www.saimm.co.za/news/1035-nolitha-fakude-chairman-of-anglo-american-honoured-with-the-brigadier-stokes-award-by-saimm?utm_source