Nompumelelo Ngcobo
| Nompumelelo Ngcobo | |
|---|---|
|
Isithombe sikaNompumelelo, ngowezi-2026 | |
| ukuZalwa |
1988 KwaZulu Natal, Ningizimu Afrika |
| Alma mater | UKZN |
| umSebenzi |
|
| imiNyaka yokusebenza | 2019–present |
| ubuDe | 1.40 m |
| uMuntu eshade naye | Ushadile (noKwakhona Mahamba) |
| abaNtwana | 2 (Qamata noCamagu) |
| abaZali |
Muntuoyithandayo Khoza Ntombizonke Xulu |
UNompumelelo Goodness Ngcobo uyisishoshovu samasiko, usonjulalwazi womdabu, umcwaningi, nombhali wezincwadi zabantwana odabuka KwaZulu Natal, eNingizimu Afrika. Ungumsunguli wenhlangano ebizwa Amazwi kaQamata Immersion Programme, enenhloso yokulondoloza nokudlulisela ulwazi lomdabu namasiko esintu kubantu abasebasha.[1] Izincwadi azilobayo zabantwana ngaphansi kwalenhlangano ziyinsiza ekhandelwe ukudlulisa ulwazi ngamasiko entsheni kusetshenziswa izindimi zomdabu.
Umlando wakhe nezemfundo
[hlela | Hlela umthombo]UNompumelelo Ngcobo wazalwa ngonyaka we-1988 esigodini sikaKhanyile, eNkandla, KwaZulu Natal. Uyindodakazi kaNtombizonke Xulu noMuntuoyithandayo Khoza. Waqala ukufunda esikoleni samabangaphansi Engilosi (1994-1995) lapho afunda khona ibanga lokuqala nelesibili. Ibanga lesithathu kuya kwelomkhothi, wawafunda eSikoleni samabangaphansi iRippon (1996-2000). Kamuva, wafunda amabangaphezulu kusuka kweleshiyagalombili kuya kumatikuletsheni eRidge Park College (2001-2005).
Imfundo ephakeme
[hlela | Hlela umthombo]Wathweswa iziqu Zobuncunda Bobuciko KusiNgisi Nezinsizakuxhumana (Bachelor of Arts in English and Media) eNyuvesi yaKwaZulu-Natal ngonyaka wezi-2012. Waphinde wagogoda ngezifundo zokuqholiswa Kuxolo Nokuguqula Umbango (Honors in Conflict Transformation and Peace) (2013), futhi waqhubekela phambili wenza neziqu zobuntwesi kuNqubomgomo Yomphakathi (Masters in Public Policy) ngonyaka wezi-2017.
Umsebenzi
[hlela | Hlela umthombo]
UNompumelelo Ngcobo wasebenza njengomcwaningi kusuka ngonyaka wezi-2015 eNyuvesi yase-Free State, ngonyaka olandelayo waqokwa njengomcwaningi eNyuvesi yaseDurban yezobuchwepheshe iDUT (2016-2017), futhi wabuye wasebenza njengomcwaningi eNyuvesi yaKwazulu-Natal ngonyaka wezi-2018. Amagalelo akhe kwezocwaningo abonakala lapho ebhala izibhalwa zocwaningo ezimbalwa. Ngonyaka wezi-2017 wabhala kumhela iLoyola Journal of Social Sciences ngobunzima imiphakathi yasemakhaya ebhekene nabo kwezentuthuko. [2] Ngonyaka wezi-2024 wethula isibhalwa esasidingida izindlela zomdabu zokuxazulula umbango phakathi koluntu nemvelo, engqungqutheleni ebizwa London International Conference on Education (LICE-2024. [3]
Ngonyaka wezi- wasungula inhlangano ebizwa Amazwi kaQamata Immerssion Programme ngenhloso yokulekelela izigane zesikole zizuze ulwazi lwendabuko, ngezinto zomdabu namasiko. Imfundo etholakala kulolu hlelo icobelela abantwana abasafunda amabanga aphansi ngezindlela zokusebenzisa ulimi lomdabu lapho zifunda. Futhi kufundwa ngezilimi ezihlanganisa isiZulu, isiXhosa, SeSotho, Setswana, Xitsonga, Tshivenda. [4] Ngaphezu kokuba umqondisi walolu hlelo, uNompumelelo uphinde abe ngumbhali wezincwadi ezisetshenziswa kulolu hlelo. [5]
Izincwadi azilobileyo
[hlela | Hlela umthombo]Amaphatho
[hlela | Hlela umthombo]- ↑ https://www.uqamataculturalseries.co.za/about/
- ↑ https://openurl.ebsco.com/EPDB%3Agcd%3A2%3A7693858/detailv2?sid=ebsco%3Aplink%3Ascholar&id=ebsco%3Agcd%3A124154846&crl=c&link_origin=scholar.google.com
- ↑ https://infonomics-society.org/lice-2024/abstract-30/
- ↑ https://www.uqamataculturalseries.co.za/amazwi-kaqamata/
- ↑ https://books2read.com/nompumelelo-ngcobo
- ↑ https://books2read.com/UqamataUbonaAmalobolo
- ↑ https://books2read.com/uqmata-uya-kumemulo
- ↑ https://books2read.com/uqmata-uya-kumuhlonyana
- ↑ https://books2read.com/uqamata-uya-kutsiki