Ofuna ukukhoseliswa
Ofuna ukukhoseliswa noma Ofuna ukubhaciswa ngumuntu oshiya izwe ahlala kulo, angene kwelinye izwe, futhi enze kulelo zwe isicelo esingokomthetho samalungelo okukhosliswa noma okubhaciswa ngokusho kweSimemezelo Sikawonke Samalungelo Esintu Isigaba 14. Umuntu ugcina isimo sokuba ofuna ukukhoseliswa kuze kube yilapho ilungelo lokufaka isicelo sokukhoseliswa seluphelile.
Iziphathimandla zezifika namthwalo ezifanele zezwe lokukhosela zinquma ukuthi ngabe umuntu ofuna isikhoselo uzonikezwa yini ilungelo lokuvikelwa kwesikhoselo noma ukuthi ukukhoseliswa kuzokwenqatshwa yini futhi umuntu ofuna isikhoselo uba owokufika ongekho emthethweni ongacelwa ukuba aphume ezweni futhi angadingiswa ngokuhambisana nokungabuyiselwa emuva. Abacikici beSimemezelo Sikawonke Samalungelo Esintu bazenzela izinqubomgomo zabo zokuhlola isimo sokuvikelwa sabafuna isikhoselo, futhi isilinganiso sabafakizicelo zokukhosela abamukelekayo noma benqatshelwa siyahlukahluka unyaka nonyaka ezweni ngalinye.
Umuntu ofuna isikhoselo angase aqashelwe ngasikhathi sinye njengombaleki [1] futhi abhekwe njengombaleki uma izimo zakhe ziwela ngaphansi kwencasiselo yababaleki ngokusho kweSivumelwano esiphathelene nesimo sababaleki [1] noma Imithetho yababaleki esebenza esifundeni - njenge-European Convention on Human Rights, uma bengaphakathi kwe-I-European Union.
Amagama athi ofuna ukukhoseliswa, umbaleki kanye nowokufika ongekho emthethweni avame ukuphanjaniswa. [2]
Amaphatho
[hlela | Hlela umthombo]- 1 2 Horning, A. (2020). "Double-edged risk: unaccompanied minor refugees (UMRs) in Sweden and their search for safety". Journal of Refugee Studies. 33 (2): 390–415. doi:10.1093/jrs/feaa034. Kulandwe ngomhlaka 2020-09-27.
- ↑ "Asylee Definition & Meaning - Merriam-Webster".