Operation Dudula
I-Operation Dudula (noma umgidingo wokududula) yinhlangano yezombusazwe yaseNingizimu Afrika. Le nhlangano ichaziswa njengesebenzisa ubudlozomi[1] futhi yaziwa njengenhlangano ecwasa abokufika eNingizimu Afrika, futhi iyamaniswa nokusongela kokubili izifiki ezinezimvume nezingenazo .[2] Le nhlangano isola imingcele evuzayo yaseNingizimu Afrika, izinqubomgomo ezinteknteke kanye nabokufika njengembangela yezinkinga eziningi ezweni .[3] Umholi wayo manje nguZandile Dabula.
I-Operation Dudula yasungulwa enxulumeni elibizwa Soweto, elisesidlaveleni saseGoli, futhi seyisakazekele kwezinye izingxenye zezwe. Elithi "Dudula" lisho "ukuphebeza" noma "ukususa isithiyo" ngesiZulu, futhi lichaza impokophelo yalombutho ewukususa isithiyo nokuxosha izifiki.[4][3][2] Nakuba ike yasolwa ngodlame, lenhlangano iyaphika ukuthi yona icwasa abokufika.[5]
Amaphatho
[hlela | Hlela umthombo]- ↑ Operation Dudula has brought fascism to South Africa, Imraan Buccus, Sunday Times, 3 August 2025
- 1 2 Charlie, Ayanda; Ford, Tamasin (17 September 2023). "Inside South Africa's Operation Dudula: 'Why we hate foreigners'". BBC News.
- 1 2 Ho, Ufrieda (2022-04-16). "XENOPHOBIA: Nhlanhla Lux exposed – The disturbing picture behind the masks of the man heading Operation Dudula". Daily Maverick (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2022-05-04.
- ↑ Myeni, Thabi. "What is Operation Dudula, South Africa's anti-migration vigilante?". www.aljazeera.com (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2022-04-10.
- ↑ Bhengu, Cebelihle (11 April 2022). "'Illegal immigration is a crime' — 'Lux' Dlamini denies Operation Dudula is xenophobic". Sunday Times. timeslive.co.za. Kulandwe ngomhlaka 2 May 2022.