Princess Mthombeni
| Princess Mthombeni | |
|---|---|
|
Isithombe sikaNingi | |
| Ubezalwa |
4 Januwari IKwaZulu-Natali, Ningizimu Afrika |
| Alma mater | IMM Graduate School |
| Occupation |
|
| Years active | 2008–present |
| Height | 1.59 m |
| Spouse | Unknown |
| Children | 1 (Enhle) |
| Parents |
Vikizenzo Mthombeni Duduzile Mthombeni |
UNingi Princess Mthombeni, odume ngelika Princy, uyisishoshovu sesidlakalasi senuzi, futhi ungumcobeleli ngenzululwazi nomenzi wesiqikili ezinkundleni zokuxhumana odabuka eNingizimu Afrika. Ungumsunguli weNhlangano engenzi nzuzo ebizwa Afrika4Nuclear[1], eqhakambisa iqhaza lesidlakalasi senuzi ekhwatheni lentuthuko elondolozekayo e-Afrika. Umsebenzi oyinhloko kaPrincy, uhilela ukuqinisekisa ukuthi izakhamizi zinokwaziswa okuyisiminya ngokuphathelene nomkhakha wenuzi nokuphehlwa kwamandla angayinukubalisi imvelo.
Umlando wakhe nezemfundo
[hlela | Hlela umthombo]uNingi Princess Mthombeni wazalwa mhla zizine kuJanawari (unyaka ugodliwe) esibhedlela saseDundee, KwaZulu-Natal, eNingizimu Afrika. Abazali bakaPrincy, nguDuduzile Siphiwe Mthombeni, owayesebenza ezindlini zabelungu (osethathe umhlalaphansi) kanye noVikizenzo Reuben Mthombeni, owayeyisishoshovu sezombangazwe, ilunga loMkhonto wesiZwe futhi kamuva waba umholi onohlonze emphakathini waseNanda, eThekweni.
UPrincy wakhulela emzini waseTholeni eWasbank, lapho afunda ibanga lokuqala khona, ibanga lesibili kuya kwelomkhothi walenza esikoleni samabanga aphansi kwaDalala, emva kokufudukela emzini waseNgudulwane eNquthu. Lapho echaza ngezimo akhula kuzo uthi, "ekhaya sasibasa uphalafini, izinkuni, amalahle, amakhandlela ngisho nobulongwe ukuze sibe nesidlakalasi sokupheka nokuzifudumeza ebusika".[2] Indawo akhulela kuyo yayisemakhaya futhi iswele amazuba. Kamuva umndeni wakhe wafudukela enxulumeni laseNanda lapho azinza khona nabazali bakhe, nokuyilapho aziphothulela khona izifundo zakhe zebanga lesiphohlongo kuyakweleshumi khona eNanda.
Imfundo ephakame
[hlela | Hlela umthombo]Wathweswa iziqu zezifundo zokuPhathwa koMdayiso noLawulo Lomhwebo esikhungwini semfundo ephakeme i-IMM Graduate school (2012-2016) futhi lapho eqala ukusebenzela inkampani yezenuzi, wenza izifundo zobuholi eNyuvesi YoMhlaba yeNuzi (2016), waphinde wagogoda ngeziqu zoMdayiso esikhungwini i-IMM Graduate school ngonyaka wezi-2019.
Umsebenzi
[hlela | Hlela umthombo]Wangena emkhakheni wenuzi ngephutha, hhayi ngokufisa kwakhe, futhi ngaleyondlela wavukwa uthando lwenzululwazi lapho ethola umsebenzi enkampanini yenuzi ebizwa South African Nuclear Energy Corporation (Necsa). [3] Ngonyaka wezi-2023 inhlangano yakhe engenzi nzuzo ebizwa Africa4nuclear, wayibhalisa ngokusemthethweni ngenhloso yokuxhumana nomphakathi, izingcwepheshi, osombusazwe, nezintatheli, ukuze iphembe izinkulumongxoxo futhi yakhe ukwethembeka ngezobuchwepheshe benuzi. Selokhu aqala ukusebenza emkhakheni wezenuzi, uPrincy wakwenza umgomo wakhe ukuba aqinisekisi ukuba abantu bafikelela ekwaziseni okunembile ngenuzi futhi bayahlanganyela ekwenziweni kwezinqumo, futhi babanethemba ngengomuso elinesidlakalasi esithembekayo, esingabizi kakhulu futhi esingawunukubalisi umoya nemvelo. Lokhu wakwenza ngokuba umcobeleli oqekethayo. Umsebenzi wakhe wezokucobelela ngenuzi uhlanganisa ukuqeketha ezingqungqutheleni zomhlaba, ezifana nalezi ezilandelayo ayeyisikhulumi kuzo:
- IAEA International Ministerial Conference on Nuclear Power in the 21st Century (2002) [4]
- IAEA Conference on Stakeholder Engagement for Nuclear Power Programmes: Facts to Trust: Engaging Information Makers and Shapers [5]
- ATOMEXPO (keynote opening, 2022 Sochi) [6]
- Third global nuclear science and engineering commencement - Theme: Nuclear technology in service to society - 2022 [7]
- Japan Atomic Industrial Forum (JAIF) [8]
- Russia–Africa Summit (2023 panel) [9]
- IAEA Social Media & Stakeholder Forum [10]
- World Nuclear Exhibition (France) [11]
- Expo 2022 Dubai (global experts panel),Nuclear Asia Forum [12]
- Moderated Panel: World Nuclear Exhibition (WNE: 2023) [13]
- South African Coordinator for Stand Up For Nuclear [14]
Umsebenzi wakhe njengomcobeleli ngenuzi wenza umphakathi ukuba uqonde izinto zobuchule nobuchwepheshe, wakha ukwethembeka kwesidlakalasi senuzi njengesiphephile, esithembekayo, nesiyisigcoyi esiyingqikithi yengomuso lezwekazi i-Afrika. UMaduma, lo msebenzi umenze waba yiphimbo eliholayo ekubunjweni kabusha kwezingxoxo ngesidlakalasi, nasekuphembeni isidukiso esingavimba izakhamizi zase-Afrika ekubambeni iqhaza lapho kwenziwa izinqumo ngezamandla.
Imihlomulo
[hlela | Hlela umthombo]Amaphatho
[hlela | Hlela umthombo]- ↑ https://africa4nuclear.com%5Bdead+link%5D
- ↑ https://www.giraffe.org/princess-mthombeni
- ↑ https://rosatomnewsletter.com/2022/03/27/nuclear-women/
- ↑ https://www.iaea.org/events/events/ministerial-nuclear-power-conference-2022/programme
- ↑ https://www.iaea.org/events/seconf2025/programme/day-3
- ↑ https://www.nuclearasia.com/news/breakthrough-technologies-for-a-sustainable-future/4552/
- ↑ https://www.oecd-nea.org/upload/docs/application/pdf/2023-12/nea_ar_2022.pdf
- ↑ https://www.jaif.or.jp/en/news/jaif-annual-conference-coverage%5Bdead+link%5D
- ↑ https://summitafrica.ru/en/news/eksperty-obsudili-rasshirenie-sotrudnichestva-v-oblasti-atomnoj-energetiki-na-panelnoj-diskussii-atomnye-tehnologii-dlja-razvitija-afriki/
- ↑ https://www.iaea.org/newscenter/news/unique-iaea-gathering-highlights-social-medias-role-in-nuclear-stakeholder-involvement
- ↑ https://www.world-nuclear-exhibition.com/
- ↑ https://www.nuclearasia.com/news/breakthrough-technologies-for-a-sustainable-future/4552/
- ↑ https://www.world-nuclear-exhibition.com/fr-fr/programme/gestion-des-dechets-hydrogene.html
- ↑ https://standupfornuclear.org/ally-of-the-month/princy-mthombeni
- ↑ https://win-global.org/previous-awards/
- ↑ https://www.giraffe.org/heroes/ningi-princess-mthombeni/%5Bdead+link%5D