Jump to content

IQatar

Kubuya ku Wikipedia
(Redirected from Qatar)
Dawlat Qaṭar
iQatar
Isaga: Ngesi-Arabhi: الله، الوطن، الأمير

Allāh, al-Waṭan, al-Amir

"uNkulunkulu, isiZwe, i-Emiri"
Inkondlo: Ngesi-Arabhi: السلام الأميري

As-Salām al-Amīrī

"Ukuthula ku-Emiri"
(futhi idolobha elikhulu) iDoha
Izilimi IsiArabhi
Abantu 3,214,609
Government Ukubusa obukhosi obunganamkhawulo obuhlangeneyo obungaphansi komthethosisekelo
 -  i-Emiri Tamin bin Hamad
 -  Isisekela Emiri Abdullah bin Hamad
 -  Indunankulu Mohamed bin Abdulrahman
Ukwenza
 -  Usuku lokusungulwa 18 kaZibandlela 1878 
 -  Usuku lokumemeza ukuzimela 1 kaMandulo 1971 
 -  Ilanga lokuzimela oMbusweni Ohlangeneyo 3 kaMandulo 1971 
Ubukhulu
 -  Jikelele 11,581 km2 
4,471 sq mi 
 -  Amanzi (%) Kuncane kakhulu
Inani labantu
 -  2025 ukulinganisa 3,214,609 
 -  Ixuku labantu 264/km2 
683.8/sq mi
Imali iRiyali yaseQatar (QAR)

iQatar (ngokomthetho: Umbuso waseQatar, ngesi-Arabhi: دولة قطر; Dawlat Qaṭar) liyisizwe oqhingini lase-Qatar eMpakathi-Mpumalanga. Lizungzwe ngasenyakatho nasempumalanga i-Lwandle lase-Pheshiya neLwandle lase-Bahrain ngasentshonalanga. Inomgcele oyedwa omhlaba noMbuso wase-Saudi Arabia ngaseningizimu. Iqhingi lase-Qatar liyinxenye leqhingi lase-Arabia. Ngaphesheya kwe-Lwandle lase-Pheshiya ngasenyakatho kune-Iran, ngaphesheya kwe-Lwandle lase-Bahrain kune-Bahrain. Eduze kunama-Emireti aBumbene wama-Arabhi.

Emandulo kwakuhlala abantu abazulayo ngezilwane kakhulu amakamela. Leliqhingi lalingaphansi kwemibuso ehlukene: ama-Umayadi, ama-Abhasidi, i-Bahrain, nama-Usmani. Ngo-1916, inkosi yase-Qatar, i-Emir u-Abdullah womuzi ka-Al Thani, ivume ukuthi i-Qatar ibengaphansi komvikelo woMbuso Ohlangeneyo. Ngezi-1930 kutholakale ukuthi kunamafutha. Kwavumelwana ukuthi i-Anglo-Persian Oil Company izoyiguba. Kepha ngenxa Yempi Yesibili Yomhlaba kwasekuhlehliswa izinhlelo lezo. Kepha emuva kokuphethwa kwaleyompi, kwaqalwa ukugujwa kwamafutha. Ngo-1971, i-Qatar inikezwe igunya lokuzimela. Kusukela lesosikhathi, i-Qatar ibuswa umuzi ka-Al Thani.

Inhlokodolobha nedolobha elinkulu endlula zonke e-Qatar iyi-Doha. Ngaphandle kwamafutha, i-Qatar inenkampi yezindiza, i-Qatar Airways, eyiyinye yezinkampani ezinkulu kuzozonke emhlabeni wonke kulomkhakha. Futhi, i-Al Jazeera iyinkami yezindaba edumile emhlabeni kakhulu emazwe wase-Mpakathi Mpumalanga nase-Nyakatho Afrika. Ngenxa yamafutha, i-Qatar inokuhlephulelwana omkhiqizo womnotho ngamuntu ondlula izizwe zonke zasemhlabeni. Amaphesenti angama-80 enani labantu ngabangezizwe zangaphandle. Kusho ukuthi yincani inani labantu elingabomdabu/izakhamuzi.